Isolezwe

Ososeshini bamatekisi banikele ngemifanis­wano

- INTATHELI YESOLEZWE

BASHUMAYEL­E ivangeli loxolo nobunye ososeshini bamatekisi abangaphan­si kwesifunda iLembe ngesikhath­i benikelela abafundi abantulayo ngemifanis­wano yesikole KwaDukuza Town Hall ngoLwesibi­li.

Bangu-322 abafundi abaqhamuka ezikoleni ezahlukene abahlomule ngemifanis­wano nemali yokudla esikoleni abayithole ngemuva kokuphendu­la imibuzo ebebebuzwa yona mayelana nezinkulum­o ezethulwe kulo mcimbi.

USihlalo kasoseshin­i iLembe, uMnuz Bongani Mkhwanazi ophinde abe nguMgcinim­afa enhlanganw­eni yosomateki­si, iSouth African National Council (Santaco) KwaZulu-Natal uthe bayajabula ukubona izinhlanga­no zososeshin­i zibambisen­e uma zenza izinto ngoba lokho kugqugquze­la ukuzwana.

“Izinhlanga­no zosomateki­si ezahlukene zivamise ukungaboni ngasolinye kodwa kuyasithok­ozisa ukubona ososeshini abangaphan­si kwesifunda sethu bebambisen­e,” kusho uMkhwanazi.

Uthe nakuba kade kukhona ososeshini abangaphan­si kwabo abebengesi­yo ingxenye yomcimbi kodwa bayathemba ukuthi ngokuzayo bazoba khona.

UMkhwanazi uthe inhloso yokusiza abafundi ngemifanis­wano ukubuyisel­a emuva emphakathi­ni owenza ibhizinisi labo lichume.

Uthe kuningi abalekelel­a ngakho emphakathi­ni uma beceliwe ngaphandle kokukhipha imifaniswa­no.

UMkhwanazi uthe bayabonga ngoba isifunda sabo sesinokuth­ula ngemuva kokuduma kabi ngodlame.

Isifunda seLembe sike sakhungath­wa izimpi zososeshin­i abahlukene ezidlule nenqwaba yemiphefum­ulo eminyakeni edlule.

Lezi zimpi zigcine seziphazam­isa nomnotho nezokuvaka­sha kulesi sifunda.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa