Yinqwaba ephelelwe yimisebenzi emafemini enyama
Intsha iyona eswele kakhulu umsebenzi njengoba u-38.2% wabaneminyaka ephakathi kuka-15 no-34 bebhuquza emakhaya.
ISampa ithe ukudayisa kukapolony nama-vienna kwehle ngo-70% kanti ukudayiswa kwenye inyama egayiwe kwehle ngo-50% kusuka ngoMashi 4, emuva kokuthi uNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi ethe sebetholile ukuthi i-listeriosis ivelaphi.
ISampa ithe ukube awutholakalanga umnyombo we-listeria ngabe umonakalo udlulele nasezinkampanini ezipakisha inyama egayiwe ezikhale ngokuthi zilahlekelwa wuR100 million ngenyanga.
“Amabhusha amancane athikamezekile ngenxa ye-listeriosis ngoba abantu abasayithengi inyama egayiwe,” kusho isikhulu esisabambile seSampa, uMnuz Arnold Prinsloo.
Uthe kungase kuphele neminye imisebenzi uma abantu beqhubeka nokungayithengi inyama egayiwe.
Uphethe ngokuthi benza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi amafemu akhiqiza inyama egayiwe aphephile kumagciwane.
UMnuz Nkululeko Luthuli weBest Cut Meats okuyinkampani yomuntu omnyama eyenza inyama egayiwe eMpangeni, uthe imhlukumezile i-listeriosis ngoba ulahlekelwa yimali futhi ubona kuzophela imisebenzi engu-153 efemini yabo.
“Amanye amafemu asamile ukusebenza, amanye avula kathathu ngesonto. Thina esinamafemu amancane siyahlukumezeka uma kumiswa umkhiqizo. Inyama egayiwe ayidayisanga kahle ngamaholidi ePhasika uma siqhathanisa nangonyaka odlule,” kusho uLuthuli.