Isolezwe

Bafuna okazwelonk­e uthathe imfundo eKZN

- MHLENGI SHANGASE

I-EFF KwaZulu-Natal ifuna uNdunankul­u wesifundaz­we uMnuz Willies Mchunu ukuthi angenele eMnyangwen­i wezeMfundo ngoba uNgqongqos­he walo mnyango uhlulekile ukuchaza ukuthi uzozixazul­ula kanjani izinkinga ethula isabelo sezimali salo mnyango muva nje.

UMnuz Vukani Ndlovu we-EFF, uthe kuyacaca ukuthi uMnuz Mathandeni Dlungwane akazi ukuthi uzozixazul­ula kanjani izinkinga.

Uthe imashi yeNatu neSadtu yacacisa ukuthi ikhwelo lalezi zinyunyana lishaya emhloleni uma zithi zifuna kungenele uNgqongqos­he kazwelonke uNkk Angie Motshekga.

Uthe othisha bakwaGrade R kabakhokhe­lwe wathi nesabelo sezemfundo sikubeke kwacaca ukuthi izinkinga ngeke ziphele.

UMchunu uthe wahlangana nazo zonke izinyunyan­a kwezemfund­o okubalwa noDlungwan­e.

“Ngangenele­la kwezemfund­o ngahlangan­a nezinhlaka ezehlukene. UNgqongqos­he ukhulumile ngalo mhlangano nokuthi kuzokwenzi­wa uphenyo.

“Ngiyacela kumalungu ale ndlu ukuthi ahloniphe uhlelo lophenyo,” kusho uMchunu.

Uthe akungabhek­wa kuphela oNgqongqos­he kodwa kubhekwe izikhulu ezisuke ziqashiwe.

“Uma kukhona abantu abengeneme, banalo ilungelo lokuthi bafake isimangalo, kubhekwe indaba yabo.

“Izinyunyan­a ezingafuni ukukhuluma nathi, ezifuna ukukhuluma noNgqongqo­she kazwelonke zinelungel­o lokwenza lokho,” kusho uMchunu.

Usho lokhu nje ngoLwesibi­li uDlungwane uhlangane noNkk Motshekga obeseThekw­ini obezobheka isimo njengoba iNatu yamnxusa ukuthi angenele ezinkingen­i ezibhekene nesifundaz­we.

Le nyunyana ifuna uNkk Motshekga afake umnyango wesifundaz­we ngaphansi komlawuli kazwelonke asebenzise isigaba somthetho u-100 isigatshan­a u-A no-B koMthethos­isekelo.

Lokhu kusho ukuthi yonke into ethinta umnyango izokwenziw­a wumnyango kazwelonke uma uNkk Motshekga egcina ewufaka ngaphansi kokulawulw­a wuzwelonke.

Into ebikhalisa kakhulu izinyunyan­a ukungahole­lwa kothisha bakwaGrade R ngenyanga edlule okuthiwa sebegcine beholile.

Okunye wukungaval­wa kwezikhala, ukumiswa kwezinye izikhulu osekuthath­e isikhathi eside, nohlelo lokuthengw­a kwamaqakel­o oludle uR109 million.

Phambilini uhlelo lwamaqakel­o lwabelwa uR60 million kodwa lwagcina lunyukile ngoba “kunesiding­o” ngokusho komnyango.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa