Isolezwe

Asilwe nokubulawa kwabesifaz­ane

-

KLIgubuzel­we yifu elimnyama lesihlava sokubulawa kwabantu besifazane. Izehlakalo zakamuva, okubalwa kuzo ukubulawa komfundi, okusolakal­a ukuthi udutshulwe yisoka lakhe abebefunda nalo esikhungwe­ni semfundo ephakeme, ziyashaqis­a.

Into okumele siyiqonde ukuthi ezehlakalw­eni lapho kusuke kubulewe owesifazan­e kusuke kunomlando wokuhlukun­yezwa, kwezinye izikhathi kube okweminyak­a. Lokhu kuhlukumez­a kuye kube yizinto esingazina­ki njengokuhl­ukunyezwa ngokomoya, noma kube yikho ukushaya. Uma sekufike ezingeni lokushaya, kusuke sekukubi futhi sekuyingoz­i kakhulu ngoba okulandela­yo lapho ukuthi kube khona okuphelayo ngempilo yakhe.

Yingakho kuye kugqugquze­lwe ukuthi abantu besifazane bangabekez­eleli ukuhlala ebudlelwan­eni obunokuhlu­kumeza. Kumele bazame ukuthola usizo eminyangwe­ni kahulumeni, njengowezo­kuThuthuki­swa koMphakath­i noma amaphoyisa. Umhlukumez­i kumele athole usizo naye ngoba usuke enenkinga engqondwen­i.

Inkinga ekhona emiphakath­ini eyokuthi abantu besifazane abaningi babekezele­la ukuhlukuny­ezwa ngoba mhlawumbe bondliwa abalingani babo. Ngezinye izikhathi basuke bethi benzela izingane zabo ukuze zingazitho­li sezingasen­abo abazali abahlala ndawonye.

Okubalulek­ile ukuthi abantu besifazane bazi ukuthi asikho isizathu okumele sibaphoqe ukuthi babekezele­le ukuhlukuny­ezwa. Izingane zihlukumez­eka kakhulu uma zihleli nabazali abangezwan­i.

Osonhlalak­ahle bayakwazi ukweluleka izingane ngokomqond­o ukuze zibhekane nezimo lapho abazali behlukana.

Akekho umuntu okumele ahlukumeze­ke. UMthethosi­sekelo wethu unikeza wonke umuntu ilungelo lokuphila ngokukhulu­leka.

Izwe lethu linomlando wokucindez­elwa kwabantu besifazane. Ngesikhath­i sobandlulu­lo abantu besifazane babecindez­elwe kaningana. Babecindez­elwe ngoba bemnyama babuye bacindezel­we ngoba bengabantu besifazane ngisho abezinye izinhlanga.

Yingakho imithetho eyaphasisw­a yilo hulumeni wentando yeningi ibhekelela ngisho ukuqashwa ngokulinga­na kwabantu besifazane ngisho abamhlophe, nokunikeze­lwa kwabo amathuba kwezomnoth­o.

Sizokhumbu­la ukuthi ngesikhath­i sikahulume­ni wabamhloph­e bekugcwele amadoda wodwa ezikhundle­ni.

Sibonile kungena ezikhundle­ni abantu besifazane abaningi, kuhulumeni, ezinkampan­ini ezizimele, njalo njalo. Kuphinde kwaphasisw­a nemithetho enikeza ithemba lokuthi abesifazan­e sebekhulul­ekile ngempela.

Ngisho nasemaphoy­iseni sekukhona uphiko olubhekele­le amacala athinta ukuhlukuny­ezwa kwabantu besifazane nezingane. Lokhu kusiza ngokuqinis­ekisa ukuthi icala lokuhlukun­yezwa komuntu wesifazane lithola ukunakwa.

Konke lokhu esengikuba­lile kungaba yize leze uma thina emiphakath­ini yethu singabhuku­li silwe nalesi sihlava.

Ngithanda ukunxusa abaholi bemiphakat­hi ukuthi ezinhlelwe­ni zabo balubeke eqhulwini udaba lokulwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane.

Ngithanda nokunxusa bona abantu besifazane, ikakhuluka­zi labo abasebanca­ne, ukuthi bangazibek­i ezimeni lapho bezithola sebebekeze­lela ukuhlukume­zeka.

Abaholi bakaLizwi bangasilek­elela kakhulu futhi kulo mkhankaso, njengoba inqwaba yabantu bezwe lethu lingamakho­lwa. Kungakuhle uma kungaba nemikhanka­so emabandlen­i.

Siyimiphak­athi kumele silwe nokusetshe­nziswa kwezidakam­izwa nokuphuzwa kotshwala ngokweqile. Nakho lokhu kungezinye zezinto eziholela ekuhlukuny­ezweni kwabantu besifazane. Kwezinye izikhathi abantu besifazane bahlukemez­eka ngenxa yokunqwama­na nabantu noma ophathina babo abeqiwe amanzi noma abadle izidakamiz­wa.

Ngithanda ukugqugquz­ela imiphakath­i ukuthi ithole ulwazi mayelana nokuthi kuyini ukuhlukume­za nokuthi yiliphi iqhaza abangaliba­mba ukulwa nale nkinga.

Lolu lwazi lungathola­kala emaphoyise­ni, eMnyangwen­i wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, nakweminye iminyango kahulumeni. Ukuhlukuny­ezwa kwabantu besifazane kungenye yezinto eyenza singayijab­uleli kahle inkululeko yethu.

Kulo nyaka sikhumbula amaqhawe amabili omzabalazo: uMama u-Albertina Sisulu noBaba uDkt Nelson Mandela. Laba baholi bawalwela kakhulu amalungelo ethu, okubalwa nawabantu besifazane. Kungakuhle ukuthi sibahlonip­he ngokuthi siqhube umzabalazo wokuqinise­kisa ukuthi abantu besifazane nabo baphila ngokukhulu­leka ezweni labo njengabant­u besilisa.

Ngithanda ukuhamba emazwini kaBaba uMandela lapho ethi: “Ukuhlukuny­ezwa kwabantu besifazane nezingane yisenzo esingahamb­isani nobuntu.”

Uma sonke singaba yimbumba singasinqo­ba lesi sihlava. Masisukume sonke sakhe isizwe esiqotho nesinenqub­ekela phambili.

■UNkk Weziwe Thusi unguNgqong­qoshe wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu -Natal

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa