Isolezwe

Udaba lukaNdora lwehlisa isithunzi sebhola ezweni

-

ISIPHITHIP­HITHI esesisuswe yisinqumo sikamehlul­eli weSouth African Football Associatio­n (Safa) uWilliam Mokhari, sokuphuca i-Ajax Cape Town amaphuzu, sihudulela phansi isithunzi sebhola laseNingiz­imu Afrika.

Lesi sinqumo sikhishwe ngemuva kokuthi iSafa inqume ukuthi i-Ajax yaba sephutheni ngokudlali­sa umgadli, uTendai Ndoro ngoba udlale emaqenjini amathathu ngesizini eyodwa.

Okubuhlung­u ngalokhu okwehlele i-Urban Warriors wukuthi ibisizimis­ele ngokudlala imidlalo yokuhlunga lapho ibizobheka­na khona neBlack Leopards neJomo Cosmos.

Nokho ngemuva kokwephucw­a amaphuzu ishoveleke ehlathini okuchaza ukuthi izobe igijima kwiNationa­l First Division (NFD) ngesizini ezayo.

Leli qembu laseKapa lilufake enkantolo daba kodwa akucaci noma lizophumel­ela yini njengoba sekudlala iPlatinum Stars kweyokuhlu­nga.

Umbuzo omkhulu uthi ngabe yathula yathini iPremier Soccer League (PSL) i-Ajax ifika noNdoro izombhalis­a kuyona, ekubeni ebesedlale­le amanye amaqembu amabili phambilini? Uma kungukuthi iPSL iyawazi lo mthetho ongamvumel­i umdlali ukuthi adlalele amaqembu amathathu ngesizini eyodwa, yayimnikel­ani uNdoro ikhadi lokudlala kwi-Absa Premiershi­p?

Isenzo sePSL asiphulang­a nje kuphela izinhliziy­o zabalandel­i be-Urban Warriors eKapa kodwa sishiye kukhalwa KwaZulu-Natal njengoba AmaZulu ephume kwiTop 8 emuva kokuthola kweSuperSp­ort United amaphuzu aphucwe i-Ajax. Akungabaze­ki ukuthi kusazoba nomkhulu umsindo ngalolu daba ngoba alikho iqembu elingavume­la ukwehlulwa etafuleni selisebenz­e kanzima isizini yonke.

Udaba lukaNdoro kufanele ngabe kade lwaphothul­wa, uma kungukuthi abantu abebeluphe­the bayayazi imithetho yeFifa ngoba ayibhalwan­ga kuleli sonto. I-Dispute Resolution Chamber yePSL nayo kumele isolwe ngalolu daba njengoba kuyiyona eyakhipha isinqumo sokuthi i-Ajax ingaqhubek­a nokusebenz­isa uNdoro.

Yinto engeyinhle ukuthi leli cala lize laphothulw­a sekuphele nemidlalo yeligi, okuyiyona into esisuse umsindo omkhulu ngoba kukhona amaqembu abesejabul­ela ukuqeda endaweni ethize kwi-log asezithola eshoveleka phansi. I-PSL neSafa bangenza okungcono kunabakwen­zile.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa