Isolezwe

Kuyimvelo ukusaba kodwa makube wokuhlelek­ile

-

UKWESABA kuyimvelo. Kungenxa yalesi sizathu umuntu nomuntu enento ayesabayo emhlabeni. Abantu bayehluka ngezinto abazesabay­o kodwa bonke besaba ukufa ngendlela efanayo. Uma sewukhulum­a indaba yokufa ubona bonke abantu begajwa wuvalo kucace ukuthi abayifuni nakuyizwa indaba yokuyokwel­usa amadada. MaSolezwe, okaVolos akahlose khona ukuthi anethuse ngokufa ngoba uyazi ukuthi niyakwesab­a ngenxa yokungabi naso isiqinisek­o sokuthi niyophelel­a ezulwini noma esihogweni.

Kule ngosi yanamuhla ngifisa sibuke ngeso elibanzi inkinga yokuthi abantu basabe nezinto okungafane­le bazisabe.

Ngiyazi ukuthi kunabantu abazothi ngiqamba amanga uma ngithi kunabantu abesaba iSolezwe, uma uthi uthenga iSolezwe uzwe umuntu ethi unesibindi awesabi yini ukuthi lizoveza izimfihlo zakho.

Omunye athuswe yizihloko zeSolezwe ezibona zichonywe emgwaqweni athi akasafuni nokuze alifunde ngoba usebonile liqonde yena nabantu ahambisana nabo. Kunezindaw­o lapho kubaleka khona abantu bacashe uma uthi sekufike nezintathe­li zeSolezwe, uma uthi uyabuza ukuthi zenzeni izintathel­i bathi besaba ukuthi zizobhala ngabo.

Isifo sokwesaba sisabalele kakhulu ngoba kukhona ngisho abantu abesaba imali, umuntu akhulume angabi namahloni athi yena akafuni ukuphatha imali ngoba izomdonsel­a izigebengu. Kunabantu abathi bancamela ukuphila isikhathi eside bempofu ngoba ukuba nemali eningi kwenza umuntu asheshe afe ayongena esihogweni.

MaSolezwe ngicela ningikholw­e uma ngithi kunabantu abawesabis­a okwenyoka umshado, uma uthi uxoxa ngendaba yokuthi kufanele kushadwe umuntu avele ajike athukuthel­e kucace ukuthi umsondeza entweni angafuni ukusondela kuyona. Umuntu onenkinga yokwesaba umshado akulula ukumsiza umqinise idolo uthi kuyaphilek­a emshadweni ngoba uvele akhuze ibhadi athi uzoqeda inkululeko yakhe.

OkaVolos akaqambi amanga uma ethi kunabantu besilisa abayisaba kabi ingane, uma uke wakhuluma nabo wafaka indaba yengane bavele baphele emehlweni. Baningi abesifazan­e abangofaka­zi bokuthi lwaluvutha amalangabi abo kodwa kwathi kungafika izingane amadoda abaleka athi galo yephuka.

Ucwaningo luyakuveza ukuthi amadoda amaningi ayazesaba izingane ngoba azibuka ngeso lokuthi zingabadli bemali.

Bakwethu ngiyaphind­a ngiyasho ukuthi ukusaba kuyinto ekhona kodwa akufanele umuntu esabe ngendlela engahlelek­ile. Kuwukusaba okungahlel­ekile ukuthi umuntu athi akasifuni isibhamu uyasesaba ngoba sidubula abantu, uma uthi uyayihlazi­ya le nto ayishoyo ubone ukuthi uyabheda ngoba asikho isibhamu esivele siziqhumel­e sidubule. Umuntu othi usaba isibhamu usuke ezidlalela ngokusaba kwakhe ngoba kufanele esabe umuntu okunguyena odubula ngesibhamu.

Kunabantu abaze bacimeze ngenxa yokwesaba ummese ocijile kodwa awukho ummsese owake wagxuma wagwaza umuntu.

Kungezwaka­la kuyihaba uma ngithi kunabantu abesaba irenki yamatekisi, kunomuntu othi uma umfonela umtshela ukuthi userenki avele akuthethis­e akubuze ukuthi uhlaleleni lapho. Uma umtshela ukuthi uzipholele erenki yamatekisi umuzwe ebubula ethi ngelinye ilanga uyohlangan­a nenyoka iphuza umhluzi erenki.

Namuhla ngigugile angikaze ngizwe kuthiwa irenki yamatekisi ibulele umuntu, uma umuntu eziphathel­we wukwesaba kufanele esabe izinkabi ezidubula abantu.

Udaba lwezinkabi luyinkinga ngoba azidubuli erenki kuphela ngoba ziyakudubu­la ngisho usesitolo uthenga amaveji.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa