Ngibonga abasukumele eyesiqiwi
MHLELI: Ngincoma umphakathi waseMtubatuba wonke, ikakhulukazi oku-ward 15 oholwa yiKhansela uMthethwa ngokungahlali dekle ubukele izilwane zaseqiwini zidla imfuyo yobaba ziphinde zenze umonakalo ezindaweni kungabi nazinxephezelo
Ukuvuka umbhejazana komphakathi ka-ward 15 kugcine kulibuyisa ithemba kubantu abakade behlukumezwa ukuba khona kwesiqiwi esakhe eduze nomphakathi kodwa singenalusizo. Sibonga uMnumzane Dumisani Ndimande wohlelo Abasiki Bebunda othe uma kufika kuye udaba walusukumela ngokushesha. Ube esenza imizamo yokuhlanganisa izinhlaka ezimbili – umphakathi ohlokumezekile nabesiqiwi ebesihlukumeza umphakathi. Lokhu kwenze ukuthi uhla lwezikhalo zomphakathi lucutshungulwe bese kuba nokusebenzisana okuhle.
Mkhulu umonakalo odalwe yisiqiwu emfuyweni yabantu. Iningi labantu baseMtubatuba lithembele emfuyweni ukuziphilisa. Kunezingane okwaphoqeleka ukuthi zishiye phansi emanyuvesi ngoba ingasekho imali yokuthi zifunde. Abazali bazo imali bebeyithola ngokuthi bedayise imfuyo, le eyabhuqwabhuqwa yizilwane zasesiqiwini.
Bantu baseMtuba ngyabonga ngokungafeli phakathi okwe-flask kodwa niphumele obala ngamalungelo enu. Uma singaqhubeka nokubambisana kuningi esiyokuzuza ezinkampanini ezikhonze emakhaya kodwa uma singavuma ukudungwa siyohlala silambile kudla abathile ngobuqili.
Okunye engifisa ukukubona kwenzeka wukuthi amaphoyisa asesiqiwini ayeke ukuhlukumeza umphakathi uma uhamba ebusuku.
Ngibonga angiqedi kumphakathi waku-ward 15 ngokungasebenzisi izikhali ezilwaneni zasesqiwini. Ngendlela ohlukunyezwe ngayo yizilwane bekumele ngabe ubuthi uma ubona isilwane sihamba ngaphandle kwesiqiwu usibulale kodwa kunalokho uyasiqhuba usibuyisele emuva noma uthinte isiqiwu. Obhejane njengoba bebulawa kangaka emhlabeni kodwa lo mphakathi yiwona kuphela okwazi ukubaqhuba ubabuyisele esiqiwini uma bephumilekodwa kuward 15 akekho umuntu owake wanxephezelwa yisiqiwi. Skorokoro Sangweni EMTUBA EMACHIBINI