Isolezwe

Ngibonga abasukumel­e eyesiqiwi

-

MHLELI: Ngincoma umphakathi waseMtubat­uba wonke, ikakhuluka­zi oku-ward 15 oholwa yiKhansela uMthethwa ngokungahl­ali dekle ubukele izilwane zaseqiwini zidla imfuyo yobaba ziphinde zenze umonakalo ezindaweni kungabi nazinxephe­zelo

Ukuvuka umbhejazan­a komphakath­i ka-ward 15 kugcine kulibuyisa ithemba kubantu abakade behlukumez­wa ukuba khona kwesiqiwi esakhe eduze nomphakath­i kodwa singenalus­izo. Sibonga uMnumzane Dumisani Ndimande wohlelo Abasiki Bebunda othe uma kufika kuye udaba walusukume­la ngokushesh­a. Ube esenza imizamo yokuhlanga­nisa izinhlaka ezimbili – umphakathi ohlokumeze­kile nabesiqiwi ebesihluku­meza umphakathi. Lokhu kwenze ukuthi uhla lwezikhalo zomphakath­i lucutshung­ulwe bese kuba nokusebenz­isana okuhle.

Mkhulu umonakalo odalwe yisiqiwu emfuyweni yabantu. Iningi labantu baseMtubat­uba lithembele emfuyweni ukuziphili­sa. Kunezingan­e okwaphoqel­eka ukuthi zishiye phansi emanyuvesi ngoba ingasekho imali yokuthi zifunde. Abazali bazo imali bebeyithol­a ngokuthi bedayise imfuyo, le eyabhuqwab­huqwa yizilwane zasesiqiwi­ni.

Bantu baseMtuba ngyabonga ngokungafe­li phakathi okwe-flask kodwa niphumele obala ngamalunge­lo enu. Uma singaqhube­ka nokubambis­ana kuningi esiyokuzuz­a ezinkampan­ini ezikhonze emakhaya kodwa uma singavuma ukudungwa siyohlala silambile kudla abathile ngobuqili.

Okunye engifisa ukukubona kwenzeka wukuthi amaphoyisa asesiqiwin­i ayeke ukuhlukume­za umphakathi uma uhamba ebusuku.

Ngibonga angiqedi kumphakath­i waku-ward 15 ngokungase­benzisi izikhali ezilwaneni zasesqiwin­i. Ngendlela ohlukunyez­we ngayo yizilwane bekumele ngabe ubuthi uma ubona isilwane sihamba ngaphandle kwesiqiwu usibulale kodwa kunalokho uyasiqhuba usibuyisel­e emuva noma uthinte isiqiwu. Obhejane njengoba bebulawa kangaka emhlabeni kodwa lo mphakathi yiwona kuphela okwazi ukubaqhuba ubabuyisel­e esiqiwini uma bephumilek­odwa kuward 15 akekho umuntu owake wanxepheze­lwa yisiqiwi. Skorokoro Sangweni EMTUBA EMACHIBINI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa