Asizange silihlaze izwe: Mosimane

Isolezwe - - EZEMIDLALO - ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ukholwa wukuthi nakuba abadlali bakhe bephisane ngamagoli amabili aholele ekutheni behlulwe yiFC Barcelona yaseSpain kodwa abalihlazanga izwe.

ISundowns ihlulwe yiBarcelona ngo 3-1 emdlalweni wokugubha iminyaka ewu-100 kwazalwa owayenguMengameli wokuqala wentando yabantu eNingizimu Afrika, uNelson Mandela, eFNB Stadium, eNasrec, ngoLwesithathu ebusuku. Amagoli eBarca ashaywe ngu-Osmane Dembele, Luis Suarez no-Andre Gomes esiwombeni ngasinye.

EleSundowns lishaywe nguSibusiso Vilakazi. Amagoli amabili eBarca angene ngenxa yamaphutha kaSoumahoro Bangaly, ngesiwombe sokuqala, nelikakaputeni uHlompho Kekana, ngesiwombe sesibili.

“Igoli lokuqala ngemizuzu yokuqala basijezisile. UBangaly wenze iphutha bashaya igoli. UKeke (Kekana) unikeze umgadli ibhola bashaya igoli. Elinye kube yigoli leBarcelona, yindlela abadlala ngayo. ULangerman ubhekane nonozinti waqoka ukuliphasa ibhola kodwa sibhekene neMaritzburg washaya imbumbulu. UPercy (Tau) ubhekane nonozinti. Sikwazile ukudlala indlela yethu yeSundowns, saliphatha ibhola. Nendlela esithole ngayo igoli, yindlela esidlala ngayo,” kusho uMosimane.

“Kodwa mkhulu umehluko phakathi kwethu nabo, ubonakele. Indlela abaphatha ngayo ibhola nezinga labadlali ihluke kakhulu. Akufanele sizikhohlise, lona bekuwumdlalo wobungani. Ukuba bekuwumdlalo osemthethweni ngabe kukhulunywa okunye. Ngicabanga ukuthi asibahlazanga abantu bakuleli. Kodwa angijabule ngamagoli esibaphe wona.”

Nakuba iBarca idlale ngosuku efike ngalo eMzansi kodwa iphumelele ukujabulisa abalandeli bayo. Umqeqeshi u-Ernesto Valverde uthe ubengakulindele akubone kwiSundowns.

“Kube wumdlalo omuhle. ISundowns isimangazile ngendlela eshesha ngayo nokudlala ngomdlandla. Ngikuthandile futhi ukuthi abantu kade beweseka womabili amaqembu nokwenze umdlalo ube muhle,” kusho uValverde.

ISundowns isizogxilisa imiqondo yayo emdlalweni weCAF Champions League neHoroya yaseGuinea ozoba ngoLwesibili ekuhambeni.

Lo mdlalo uhlehlisiwe ngenxa yoweBarca.

nKhonamanjalo iPremier Soccer League (PSL) imemezele ukuthi umcimbi wokuklomelisa abadlali abadlali abenze kahle waminyaka yonke uzokuba ngoMeyi 29 eSandton Convention Centre, eGoli. Abaqokelwe le miklomelo bazomenyezelwa ngoMsombuluko emahhovisi ePSL eGoli.

Isithombe: BACKPAGEPIX

USIBUSISO Vilakazi weMamelodi Sundowns ezama ukuvimba uLionel Messi weFC Barcelona, yaseSpain, emdlalweni weNelson Mandela Centenary Cup eFNB Stadium, eNasrec, ngoLwesithathu ebusuku

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.