Isolezwe

Imizuzu yokugcina kaMeyiwa

- LUNGILE MAJOKA

UYISE kaSenzo Meyiwa ukhumbule imizuzu yokugcina ngaphambi kokuthi abulawe lo nozinti owayevimbe­la i-Orlando Pirates.

USam Meyiwa ubekhuluma izolo e-Onomo Hotel, eThekwini, emcimbini wokwethulw­a kwemidlalo yokukhumbu­la uSenzo owabulawa ngokudutsh­ulwa ngoOkthoba 2014 eGoli, ekubo kanina wengane yakhe, uKelly Khumalo.

Imidlalo izokuba ngoJuni 9 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, kusukela ngo-10 ekuseni. Amathikith­i azoqala ukudayisa ngoMsombul­uko e-computicke­t. Abiza uR40.

Ngokusho kukaNtokoz­o Sikhakhane ongomunye wabahleli bale midlalo, inhloso wukuthi kuqoqwe imali ezosiza ekwenzelen­i uSenzo umcimbi wokuvulwa kwetshe. Abaxhasi okwamanje yiNN Holdings, neNUZ Events. UMondli Sibisi weSibisile­x Attorneys Inc uveze ukuthi basaxoxa nabanye abaxhasi futhi bayafisa i-Orlando Pirates ibe yingxenye kodwa kusakhulun­ywa.

Abafuna ukuphonsa itshe esivivanen­i bavumeleki­le. UMeyiwa, obonge abafake isandla ngokuthi kukhunjulw­e indodana yakhe, ulandise abezindaba ngokuthi uSenzo wayeyikhon­ze kangakanan­i iPirates.

“Imidlalo yakhe mina nomama wakhe besingayib­uki ngesikhath­i idlala. Kodwa bekuthi uma isidlalile ngiyibuke bese ngimthumel­ela umyalezo ngimtshela lapho okumele alungise khona. Ubengalali endleleni aphendule ngaso leso sikhathi, athi hhayi baba ngizokwenz­a njengoba usho.

“Njengokujw­ayelekile, ngomdlalo wakhe wokugcina ne-Ajax ngathi ngiwubuka kwangena umakhelwan­e wangitshel­a ukuthi sekonakele. Ngathi uma ngibuka ucingo lwami ngabona ukuthi uSenzo akakawuphe­nduli umyalezo wami okwakuyint­o eyayingaka­ze yenzeke. Sasingazi ukuthi sesibuka into engasekho,” kulandisa uMeyiwa.

Uthe ngokuhamba kwesikhath­i wabona ukuthi kukhona okwakuzokw­enzeka esezwa ngesimo sikaSenzo ngemuva komdlalo.

“Ngesikhath­i sebeshints­ha becula bejabula, yena wahamba wayozihlal­ela yedwa ekhoneni, wathula. Baze bamthinta sebehamba ukuthi, hhayi bo Senzo sesiyahamb­a. USenzo uhambe esekhushul­elwe ekubeni ukaputeni weBafana naseqenjin­i lakhe. Akazange alithole ithuba lokubuyela ekhaya sizogubha naye base bayambulal­a. Kodwa uNkulunkul­u ohlela ngendlela yakhe njengoba namhlanje silapha,” kusho uMeyiwa.

Unxuse abathandi bakanobhut­shuzwayo ukuthi baphume ngobuningi bazokwesek­a imidlalo.

Umfowabo kaMeyiwa, uSifiso uthe: “ISenzo Meyiwa Foundation izosiza ekuvumbulu­leni ithalente nokubhekel­a inhlalakah­le yabadlali. Ukunakekel­a umndeni, ikakhuluka­zi izingane zakhe.”

Imidlalo lena iyisiqalo sokuqokele­la imali yesikhwama.

Kuthenjisi­we ukuthi ngosuku lwemidlalo kuzothelek­a nezilomo zabadlali bePremier Soccer League nasebathat­ha umhlalapha­nsi. Phakathi kwabo kubalwe uHappy Jele, Lucky Lekgwathi, Siyabonga Sangweni noMbulelo Mabizela. n Amaqembu azodlala London Cosmos U/17 v Golden Arrows U/17 Santaco v Ukhozi FM Gauteng Legends v KZN Legends

Senzo XI v Meyiwa XI (lamaqembu azokwakhiw­a abadlali bePSL).

 ?? MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA Isithombe: ?? KUSUKA kwesokunxe­le uNathi Ngwenya, Sifiso Meyiwa, Sam Meyiwa noNtokozo Sikhakhane, ngesikhath­i kwethulwa imidlalo iSenzo Meyiwa Soccer Tournament e-Onomo Hotel, eThekwini, izolo
MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA Isithombe: KUSUKA kwesokunxe­le uNathi Ngwenya, Sifiso Meyiwa, Sam Meyiwa noNtokozo Sikhakhane, ngesikhath­i kwethulwa imidlalo iSenzo Meyiwa Soccer Tournament e-Onomo Hotel, eThekwini, izolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa