ULangazele ukubuyela kweyeCAF ngeNedbank
ISITOBHA seFree State Stars, uRooi Mahamutsa, silobizela ukubuyela emqhudelwaneni iCAF Confederation Cup esiyidlale ne-Orlando Pirates eminyakeni edlule.
UMahamutsa uchithwe yiPirates ekuqaleni kwesizini ka-2016/2017, wahlala izinyanga eziyisithupha engenalo iqembu. Ucoshwe yi-Ea Lla Koto maphakathi nayo yamsayinisa inkontileka emfushane, wafika wakhombisa amava akhe nokuholele ekutheni agixabezwe ngenye. Usephenduke ithemba lomqeqeshi, uLuc Eymael, odongeni lweStars oluhlule amaqembu amaningi kule sizini.
I-Ea Lla Koto izobhekana neMaritzburg United emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup, eCape Town Stadium, kusasa ngo-7 ebusuku. Iqembu elizowina lizomela uMzansi kwiConfederation Cup. Uma iStars iwina izodlala lo mqhudelwano okokuqala emlandweni wayo.
UMahamutsa ubekhona kwiPirates ngesikhathi ihamba ifinyelela kowamanqamu eConfederation ngaphansi kuka-Eric Tinkler ngo-2015.
“Ukudlala e-Afrika kuyinto enkulu kunezimo ezingefani nalapha. Kade ngikhuluma nabadlali ukuthi asenze ngamandla ethu wonke ukuze siwine le ndebe khona bezobona ukuthi izimo zinjani, azifani nezalapha. Mina ngifuna ukuyodlala kwiConfederation Cup. Sizokwenza ngakho konke esinakho ukuwina owamanqamu ukuze ngibuyele kodlala kwiConfederation. Akusikhona okokuqala ngidlala kowamanqamu kodwa umuzwa wakhona uhlukile. Akufani nokuba kwi-Last 32 noma kwiLast 16. Ukuba kowamanqamu ngelinye izinga, kuhlukile nokuba kwezinye izigaba.”
Ngesikhathi uMahamutsa echithwa yiPirates, abalandeli bahlukane phakathi kwazise kukhona abebekholwa ukuthi kukhulu abesengakwenzela iqembu. Nakuba iningi lingakubheka njengokuthatha igxathu elibuyela emuva ukudlala kwiStars kuMahamutsa, yena ubona okuhlukile. “Uma ungumdlali webhola kufanele ukulungele ukuyodlala noma yikuphi ngoba ngeke wazi ukuthi lokho kuzokufikisa kuphi. Kufanele ulungele noma yini. Ngiyalithanda ibhola, anginandaba ukuthi ngidlala eqenjini elikhulu noma elincane. Abantu bathi kunamaqembu amakhulu kodwa uma ubheka abadlali abadlalela amaqembu amancane yibona abanikeza inkinga amakhulu. Angikwazi ukuthi ngiseqenjini elincane ngoba abadlali esinabo lapha basezingeni eliphezulu,” kusho uMahamutsa.