Isolezwe

UDavids uyifuna eMphithi iNedbank

- LUNGILE MAJOKA noMINENHLE MKHIZE

UMQEQESHI weMaritzbu­rg United, uFadlu Davids, uyakujabul­ela ukuyodlala phambi kwabakhaya bakhe eKapa kodwa uthe okuzomgeza inhliziyo kakhulu wukuphakam­isa indebe yeNedbank.

UDavids nomfowabo oyiphini lakhe kwi-United uMahier, umhlaziyi wama-video uPaul Lamb nokaputeni uBevan Fransman, bonke inkaba yabo iseKapa.

Kusasa bazolindel­a ukuthi abathandi bebhola bakuleli dolobha baphume ngobuningi ukuzobuka umdlalo wabo wamanqamu abazowugij­ima neFree State Stars. Umdlalo uzoqala ngo-7 ebusuku eCape Town Stadium.

“Kuyinto enhle nekhetheki­le ukuyodlala ngakini futhi ube nethuba lokuzuza okuthile kwazise okumqoka kithina wukuphakam­isa indebe. Lokho kuzoba yikhona okuzokwenz­a yonke into ibe ngeyekheth­elo,” kusho uDavids.

Lo mqeqeshi ugcizelele elokuthi yena neqembu lakhe baya emdlalweni bengesilon­a iqembu elibhekiwe. Uzeseke ngokuthi iStars yona seyike yayiphakam­isa indebe.

“Abadlali bami ngibatshel­ile ukuthi lo mdlalo kuzomele bawuthathe njengayo yonke esesike sayidlala. Yize kunjalo iStars kuzomele siyiqaphel­e. Sidlalile nabo lapha eHarry Gwala basehlula. Bayiqembu elihleleki­le uma lihlasela ngokuzumis­a. Okusho ukuthi nathi kuzomele siqaphele ngendlela esihlela ngayo. Kodwa okusemqoka wukuthi abadlali kumele bawuthakas­ele umdlalo. Ngibatshel­ile ukuthi kumele bazi ukuthi lona akusiwona umdlalo wokugcina wamanqamu abazowudla­la ndawonye,” kusho uDavids.

Ukuqinisek­isa ukuthi abathandi beTeam of Choice abebewa bevuka neqembu isizini yonke bayawubuka bukhoma owamanqamu, abaphathi bahlele amabhasi azobahambi­sa eKapa lodumo.

Angu-12 amabhasi akhishiwe kanti ngoLwesibi­li ngokusho kwemenenja, uQuinton Jettoo, angu-11 abesegcwel­e.

Abalandeli bazosuka namuhla ekuseni belibhekis­e eKapa.

UDavids ukugcizele­le ukuthi akayi ndawo njengoba bekunemibi­ko yokuthi kukhona abamfunayo.

Uthe yize isizini yabo ithathwa ngebe yinhle kodwa usemkhulu umsebenzi obahlalele. IStars yanqoba iCoca-Cola Cup ngo-1994. IStars yahlulwa iMamelodi Sundowns kowamanqam­u weeRothman­s Cup ngo-1999.

“Ngesikhath­i ngithatha lapha ngasho ukuthi eminyakeni emithathu ngifuna iqembu liqede kwiTop 8. Sesikwenzi­le lokho, okusho ukuthi kwamabili ezayo kumele silwele ukuyigcina le ndawo. Angifuni ukuthi sibe nesizini eyodwa enhle bese ngelandela­yo sibe nembi. Abanye bangabona ukuqeda endaweni yesine njengempum­elelo kodwa impumelelo yangempela isho ukuqeda uphethe okuthile esandleni,” kusho uDavids.

 ??  ?? UMQEQESHI weMaritbur­g United uFadlu Davids usethubeni lokuphakam­isa indebe yeNedbank Cup njengoba bezobhekan­a neFree State Stars kowamanqam­u eCape Town Stadium, kusasa ngo-7 ebusuku Isithombe: BONGANI MBATHA AFRIOCAN NES AGENCY (ANA)
UMQEQESHI weMaritbur­g United uFadlu Davids usethubeni lokuphakam­isa indebe yeNedbank Cup njengoba bezobhekan­a neFree State Stars kowamanqam­u eCape Town Stadium, kusasa ngo-7 ebusuku Isithombe: BONGANI MBATHA AFRIOCAN NES AGENCY (ANA)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa