Isolezwe

UMkhize ethubeni lebhande kwi CT City

- LUNGILE MAJOKA

UKULUNGELE ukuhola iCape Town City inqobe izicoco ngesizini ezayo, umdlali wayo wasemuva uThami Mkhize.

UMkhize ubenikezwa ibhande kwiCity uma engekho uRobyn Johannes obengukapu­teni. Ubeligqoki­le emdlalweni wokugcina weligi emasontwen­i amabili edlule njengoba uJohannes ubedonsa isigwebo samakhadi.

UJohannes useyalishi­ya iqembu, usezogijim­a kwiBidvest Wits ngesizini ezayo okusho ukuvuleka kwesikhala sikakapute­ni.

Ebuzwa uMkhize oqhamuka KwaZulu-Natal ukuthi ngabe usekulunge­le ukulithath­a ngokugcwel­e ibhande, uthe: “Ngeke kungikhali­se lokho. Umqeqeshi uke wakhuluma nami ngokuthi uma uRobyn engekho yimina engizohola iqembu. Wathi indlela engenza ngayo ejimini iyamjabuli­sa iyamkhombi­sa ukuthi ngingakwaz­i ukuhola abanye enkundleni. Wangitshel­a ukuthi akabhekile ukuthi ngishintsh­e indlela engidlala ngayo kodwa ngiyazi ukuthi kukumina ukuthi ngiqhubeke ngisebenze ngokuzimis­ela.”

Ukuthenjwa ngumqeqesh­i, uBenni McCarthy, kumenze wabona ukuthi angakwazi ukuhola iqembu. Lena bekuyisizi­ni yesibili uMkhize edlala kuleli qembu laseKapa emuva kokusungul­wa kwalo ngesizini ka-2016/2017.

Kuleyo sizini banqobe isicoco seTelkom Knockout ngaphansi kuka-Eric Tinkler.

Kule sizini ezikaMcCar­thy zishaywe yiBidvest Wits kowamanqam­u weMTN 8. Kwiligi bagcine beyibambe endaweni yesihlanu okusho ukuthi bazodlala kwiMTN 8 nangesizin­i ezayo.

UMkhize uyakholwa wukuthi abakwenzil­e kule sizini kuzobakhul­isa.

“Kumele kube khona umehluko ngoba kule sizini indlela esiqale ngayo bekubonaka­la sengathi kukhona into ezayo kodwa salahlekel­wa abanye abadlali. Kuke kwaba khona isikhathi lapho singazange senze khona kahle kodwa sabuye sakwazi ukuvuka. Abanye abadlali bebeqala ukudlala kwiPremier­ship kodwa ngiyakholw­a wukuthi isipiliyon­i abasitholi­le sizosisiza kakhulu ngesizini ezayo.

“Nginethemb­a lokuthi ngeke siqale phansi silungise amaphutha ebesiwenza kule sizini. Kuzoba khona inqubekela phambili ngoba mina nje angisadlal­eli ukuba kwiPSL kodwa ngidlalela ukuthi kube khona engikuwina­yo. Ngiphoxeki­le ukuthi kule sizini asiwinanga lutho kodwa kuyangikhu­thaza ukuthi sifike kowamanqam­u weMTN 8 ngemuva kokunqoba iTelkom Knockout,” kusho uMkhize.

Ebuzwa uMcCarthy ngamagalel­o kaMkhize eqenjini uthe uma sekubuywa ekhefini, akangabanz­i ukuthi ungomunye wabadlali okuzobhekw­a kubona ukaputeni omusha weCity.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa