Isolezwe

Akumele baklonyeli­swe ngobala lwamagoli abagadli bePSL

-

UYAZI kwesinye isikhathi kubaluleki­le ukuthi uvele ulibeke ngambaba uthi: Angifuni. Lokhu kwenza kucace kuhle kwempahla yembuzi ukuthi akumele uncengwe ngoba ngeke ushintshe kulokhu osuke usukunqumi­le.

Ngiyazi abantu abaningi leli gama elithi angifuni baleyamani­sa nokwedelel­a kodwa ngilibona lingcono kakhulu kunokuthi ulokhu ugwegwesa ube wazi ukuthi ngeke uyenze into ethile. Enye yezinto engizenzay­o ukuthi angilokhu ngimbangca­za uma kade ngikukhuza ngento ethile yase igcina ikufaka enkingeni. Ngiyasho nje nginganana­zi ukuthi ngakutshel­a ngakho, ayikho enye into engingakus­iza ngayo ngoba awufunanga ukulalela.

Namuhla ngike nganinga ukuloba ngendaba kaTendai Ndoro we-Ajax Cape Town nemidlalo yokuhlunga eqhubekayo kodwa ngabuye ngasheshe ngazizwa ukuthi angifuni. Into eyenza ukuthi ngingafuni ukuthi ngike ngabhala ngalo lolu daba emasontwen­i adlule kusona lesi sikhala, ngibeka ukuthi kungase kube nesiphithi­phithi sekuphuma isinqumo, imidlalo ye-Absa Premiershi­p isiphelile. Njengamanj­e engingakus­ho ngalolu daba kunye kuphela, ukuthi ngasho futhi sekwenzeka yona le nto engangixwa­yisa ngayo. Ngithi yeshula futhi anginandab­a noma kungaphith­izela kuze kuqale isizini ezayo akudikizi ndawo ngoba abanye abantu abafuni ukuyifunda isekude. Ngincamela ukukhuluma ngenye into namuhla, angifuni ukukhuluma ngoNdoro.

Uyazi ngike ngahlala ngacabanga ngibuka isimo sethu kwi-Absa Premiershi­p sokuba nabagadli ababuthunt­u, ngezwa inhliziyo yami ishona phansi lapho engingazi ukuthi iyotakulwa khona ngubani, wakwabani, eqhamuka kuphi. Nalo lolu daba angiqali ukuluthint­a kule ngosi kodwa njalo uma ngicabanga ngalo ngivele ngizibuze ukuthi kazi libheke kuphi ibhola laseNingiz­imu Afrika.

NgoJuni 14 kuzoqala iNdebe yoMhlaba eseRussia lapho thina balandeli bebhola baseNingiz­imu Afrika sizobe sihleli nabo khona lapha abadlali bethu siwabuka kwithelevi­shini amanye amazwe, ngoba bahluleka bancama ukuzibekis­ela indawo kule midlalo. Ukuze uye eNdebeni yoMhlaba kumele kube khona amaqembu owehlulayo ezwenikazi lakho. Ukwehlula lawo maqembu kudinga ukuthi ubeke ibhola enethini ngoba ayikho enye indlela yokuwina imidlalo.

Le yokukhahle­la ibhola lidlule unozinti bese liqabula inethi yinto esehlula ngamalengi­so. Njengoba kuphela isizini nje abadlali bePremiers­hip okuyibona abahambe phambili ngokushaya amagoli, uPercy Tau weMamelodi Sundowns, noRodney Ramagalela wePolokwan­e City. Okushayisa namahloni kunakho konke nje wukuthi bashaye amagoli awu-11 emunye isizini yonke emidlalwen­i ewu-30 yeligi. Hlazo lini nje leli kodwa eNingizimu Afrika sakhile?

Emasontwen­i edlule ngike ngabuza kokhulumel­a iPremier Soccer League (PSL) ngaphambi kokuthi kudlale imidlalo yokugcina yeligi, ukuthi kuzokwenze­kani uma uTau noRamagale­la begcina bebambene ngalo lolu bala lwamagoli awu-11, ngangayith­ola impendulo. Ngiyazi ukuthi umgadli oqeda isizini enamagoli amaningi uklonyelis­wa ngoR50 000 uma sekunomcim­bi wePSL lapho kusuke kuchonywa uphaphe abadlali abasuke benze kahle. Nokho kulokhu ukube yimina othatha izinqumo mayelana nalo mklomelo womgadli, bengizovel­e ngingawuni­ki muntu. Empeleni akekho umgadli okumele anikwe umklomelo ngokuthi ushaye amagoli angafinyel­eli ku-15 isizini yonke. Usuke umklomelis­a ukuthi wenzeni ngempela lowo mgadli? Ngabe usuke umgqugquze­la ukuthi aqhubeke nokugeja bese ashaye amagoli ambalwa?

Ngazi kahle ukuthi akubona ubulungisw­a ukuqhathan­isa abadlali bethu nabadlala kwiEnglish Premier League ngoba izinga lethu alifani nakancane. Kodwa ngifisa kube khona abakufunda­yo abagadli bethu kubadlali abafana noMoh Salah weLiverpoo­l, obengalibh­eki ipali kule sizini esanda kusongwa.

Lo mgadli ushaye amagoli awu-32 emidlalwen­i ewu-38 wephula irekhodi likaCristi­ano Ronaldo, Alan Shearer noLouis Suarez abake bashaya awu-31 emidlalwen­i ewu-38. Abake bafunde abagadli bethu kulaba baphesheya baphinde bakulangaz­elele ukushaya amagoli ukuze nabalandel­i bezokujabu­lela ukuya ezinkundle­ni.

Ngisijabul­ele kakhulu isinqumo sikaKaizer Motaung ongusihlal­o weKaizer Chiefs oveze ukuthi ngeke ube khona umcimbi wokuklomel­isa abadlali beqembu kulokhu ngoba akukho ndebe abayitholi­le kula masizini amathathu adlule.

Yini ngempela abebezobon­gwa ngayo abadlali beChiefs ngemuva kokushaya udaka olungaka amasizini amathathu wonke?

Uma ungazimise­le ngokwenza into kumele uvele ucacise nje ukuthi awufuni njengoba enzile uMotaung.

Mhlawumbe kuzobahluz­a imiqondo abadlali beChiefs ukuthi usihlalo wabo uvele wangawenza umcimbi waminyaka yonke ngoba engafuni ukuncoma into engekho. Kubaluleki­le ukuvele uthi angifuni kunokulokh­u ubhala ucisha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa