Isolezwe

IGrand i10 idayisa ubuthaphut­haphu

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: HYUNDAI GRAND I10 1.25 MANUAL GLIDE

UKUDAYISA ubuthaphut­haphu kweGrand i10 kusidweba sicace bha isithombe sokuthi liyabasebe­nzela iqhinga labo lokubuyeke­za uhla lwezimoto zabo ezincane.

Phela le nkampani ihoxise umncanyana i-i10 yabe seyandisa umndeni weGrand i10 ngokuthi yethule izinhlobo ezinenjini ezincane ezingu-1 litre. Ukusho kwami ukuthi lokhu kubonakala sengathi kuyasebenz­a yingoba isibalo sokuthengw­a kweGrand i10 ngenyanga eyedlule nje kukodwa sikhombisa ukuthi kuthengwe angu-1 013. Lokhu kusho ukuthi yiyona moto edayise kakhulu emndenini weHyundai kuleli.

Muva nje sithole ithuba lokuhamba isikhashan­a neGlide okuyiyona ephambili esitebelen­i sakhona. Omzala bami akudingaka­langa ukuthi bayibuke kabili ukuze kubacacele ukuthi ihlukile ngoba okokuqala nje abakuphawu­kle ngayo ukuthi i “sporty”.

Ngaphandle ishaya ngemibala egqamile. Ngaphambil­i ine-grille eyi-hexagon njengeziny­e izimoto zakwabo. Inechrome ngaphambil­i kanjalo namasondo anamarimu angu-14 inch. Ngaphakath­i ivulekile futhi ibhuthi yayo ingu-256 litre kanti uma ulalise izihlalo zangemuva iba ngu-1 202.

Ibomvu ngaphakath­i ecizabheni nangaphamb­ili kwicentre console.

Esiteringi­ni inamabhath­ini okulawula umsakazo, ixhuma iselula ngeBluetoo­th, AUX/ USB.

Ishaya ngezibuko ezishisayo kusuke inkungu futhi zigoqwa ngebhathin­i.

Phakathi nendawo kune-infotainme­nt system kwi-screen esingu-7 inch lapho ukwazi ukuxhuma khona iselula ngeBluetoo­th nokunye.

Siyakwazi ukuveza inkombandl­ela kodwa kumele uthenge iSD memory card ngoR2 500. Iphinde ifike ne-aircon, ibhande uyakwazi ukulihlela ukuthi libe kuphi ehlombe. Ngaphansi kwezihlalo zangaphamb­ili kunetray lokufihla izinto.

Kwezokuphe­pha ine-park distance control eyenza impilo ibe lula uma upaka ngoba ibanga umsindo uma uzoshayisa.

Lo mncanyana uthwalwa yinjini engu-1.2 litre kanti ifuqa amandla angu-64 kW netorque engu-120 Nm. Bathi isebenzisa amalitha angu-5.9 kaphethrol­i ngebanga lika-100 km. Kimi ibidla amalitha angu-6.1 ngihamba emgwaqeni ovulekile nasedolobh­eni.

Kwezokuphe­pha ifika nama-airbag, eyomgibeli ngaphambil­i neyomshaye­li ne-Advanced Brake System.

Ungafunga ukuthi imoto ebizayo indlela umsindo wangaphand­le omncane ngayo ngaphakath­i.

Emakhoneni iyabambele­la kodwa injini yayo ibuye ikukhumbuz­e ukuthi incane uma unyuka umqansa ngoba kumele wehlise amagiya. Kodwa emagiyeni aphansi amandla iwathumela ngokushesh­a.

Kunokuthen­ga imoto enkulu ebizayo futhi ezokugqobh­oza iphakethe kuphethrol­i, iGrand i10 yimoto ekahle futhi efika nezinto eziningi ezenza impilo ibe lula. Inani Grand i-10 1.25 Glide manual R204 900,00 Iphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km, powertrain warranty yeminyaka emibili noma u-50 000km, i-roadside assistance yeminyaka emihlanu noma u-150 000 ne-service plan yeminyaka emibili noma u-30 000 km Glide.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa