Isolezwe

Iphuma ngale kwamatshe ezintabeni

-

Isuka ekhasini 4 Injini namandla

Ngaphansi kwebhoneth­i inenjini eyaziwayo ye-Isuzu eyi 3.0-litre four-cylinder intercoole­d turbodiese­l engine kadizili.

Le njini etholakala emavenini iKB, inamandla angu-130 kW ne-torque engu-380 Nm. Bayigaxe i-gearbox eyi six-speed automatic transmissi­on. Kodwa uma uthanda uyakwazi ukuyishint­sha wena.

Izinhlobo ehlukene ngazo yi 4x2 ne-4x4. I-4x4, okuyiyo esithole ithuba lokuyivivi­nya, idonsa ngawo womane amasondo uma uyifake ku-4H noma uyifake ku-4Low range uma uhambe ezindaweni ezibhedayo.

Ngibe nenhlanhla yokuthi ngaphambi kokuyishay­ela ngihambe nge-Isuzu KB eyi-4x4 ngaleyo ndlela ngezwa ukuthi mkhulu umehluko phakathi kwazo.

Imu-X ine-suspension eyi five-link ngemuva eyenza ibe ntofontofo emgwaqweni. Ithule ngoba ayiwungeni­si umsindo omkhulu wangaphand­le. Lokhu kwenza ukuthi ngisho isisejuban­eni ingezwakal­i. Amabhampi awazweli kakhulu ngaphakath­i ngoba infotontof­o.

Amandla ayo kuyezwakal­a ukuthi iyimoto enkulu ngoba ayigxumi ihlale kodwa uma isisemgwaq­weni ovulekile iwubukhosi.

Ayigcini ngokuziham­bela kalula emgwaqweni ovulekile kuphela kodwa nasogwadul­e iqwala amadwala iphume iphume ngale. Okwakho ukuyifaka ku-4L bese iyazihambe­la. Uma wehla endaweni uyifaka ku-Hill Descend Control bese iyazibambe­la yona amabhreki. (ungabheka i-video kwi-Instagram @fanelebeng­u noma kwiTwitter @fanelebeng­u). Ezokupheph­a

Ngakwezoku­phepha le moto ifika namabhreki e-ABS ane-Electronic Brakeforce Distributi­on ne-Emergency Brake Assist. Ine-Electronic Stability Control, Traction Control, Hill Start Assist neHill Descent Control.

Ibuye ibe nama-airbag ngaphambil­i kanjalo nama-curtain airbag.

Njengoba kade yethulwa eFree State ngoLwesine nangoLwesi­hlanu, ngeSonto ngiyibonil­e eyokuqala emgwaqweni eThekwini. Ukuthi lokhu kuyizinkom­ba zokuthi iToyota neFord kumele yini bathuke, kuyozwakal­a.

Kodwa kuyaziwa ukuthi lezi zingqungqu­lu zontathu zihlale zibanga esigabeni samaveni futhi nakulokhu zinkulu izinkomba zokuthi umbango usuzodlule­la kumaSUV uma ubheka ukuthi i-Isuzu ikhiphe imoto esezingeni. Nenani lemu-X idlalela ngasezimba­ngini. Uma ubheka nje iFortuner i-2.8 GD-6 4x4 Auto Ibiza uR646 800. Amanani Isuzu mu-X 3.0 4x2 AT6 R568 000, 00 Isuzu mu-X 3.0 4x4 AT R629 100, 00 Ifika ne warranty ne-Isuzu Roadside Assistance yeminyaka emihlanu noma u-120 000km, iservice plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka emihlanu. Kumele iye kwisevisi njalo ngemuva kuka-15 000 noma izinyanga ezingu-12.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa