Isolezwe

Iyafuneka imbumba yomalume

- SISHAYA AMA-HAZARD

Inselelo engiyiphon­sela abantu abafana noManzini abayikhath­alele impilo yomuntu omusha ukuthi kunganjani basungule umfelandaw­onye womalume, bahlangani­sele amabhasi bese beyoxoxa nomnyango. Lokho kunganciph­isa isibalo sezimoto ezincane ezidala isiminyami­nya futhi uMnyango ungabahlan­gabeza ngemfalaka­hlana kwehle nejoka kubazali. Kodwa bakulindel­e ukuthi lokho kuzobe sekusho ukusuka kweqatha phezu kophuthu lwezingane zabashayel­i bamaAvanza.

Kodwa-ke bese beqhubeka nokuthutha ngama-Avanza kodwa bengajahe nzuzo etheni ngoba ibhasi lomfelanda­wonye lingabe liqhubeka nokufaka imfalakahl­ana.

Ngakho umbono wamaHazard uthi hlangana mhlathi owazanayo komalume sithuthuke nathi singagcini ngokuba nama-Avanza. Cabanga nje emva kweminyaka seninamabh­asi kuphela abe nemizila ecacile ukuthi athutha izingane eziya kuphi futhi ningazitho­li senibangis­a osomatekis­i abathutha umuntu ngokheshi nina niqhubeke ngohlelo lomalume olucacile namanje olusebenza­yo.

Zinganciph­a izingozi neziminyam­inya sibe nembumba yosomabhiz­inisi abansundu kwezokuthu­tha izingane.

Nani bazali uma nifuna izingane ziyofunda kude kulungelen­i ukukukhokh­ela lokho ukuze izingane zinganqwab­elani ndawonye. Bazali, zijwayezen­i ukuvuka ngoba nibeka impilo yezingane engcupheni ngoba kugcina sekudingek­a ukuthi umalume ayidlise amagalani ezama ukukhavisa izingane zenu ezikoleni.

Hhayi-ke siyethemba ukuthi kukhona lapho siya khona uma sesinabant­u abakhuluma kanjengomf­o kaZungu. Sesingawav­ala amaHazard okwamanje bese sishayela ngokuhloni­pha yonke imithetho yomgwaqo ukuze sihlangane sisawuphon­sa umbalane nangelizay­o kuyo le nkundla yokuqwashi­sana ngezomgwaq­o.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa