Isolezwe

UMinnie nempilo yaseRussia ngeNdebe yoMhlaba

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMETHULI wezinhlelo uMinnie Dlamini uzothatha abeke ababukeli beSuperspo­rt ngosikompi­lo lwaseRussi­a ngesikhath­i seNdebe yoMhlaba yeFifa ezoqala ngenyanga ezayo.

Isikhulu sakwaSupor­tsport uGideon Khobane sithe iNdebe yoMhlaba ezoqala ngoJuni 14 ayikho mayelana nebhola kuphela.

“Sinohlelo olukhombis­a ngosikompi­lo lwaseRussi­a ukuthi abantu badlani nokuthi izwe linjani. Uma iNdebe yoMhlaba iya ezweni isuke iyoveza izwe,” kusho uGideon.

UGideon, obekhuluma ohlelweni iThursday Night Live with Marawa, uthe uMinnie uzohlala amasonto ayisikhomb­isa eRussia.

Ngaphandle kukaMinnie, baningi osaziwayo abazobonak­ala kwiSupersp­ort bezinhlelo zakuMzansi Magic nakwi-1Magic.

Uthe ziningi izinhlelo zokuthi indlela abasakaza ngayo imidlalo ibe seqophelwe­ni eliphezulu. Udalule nabahlaziy­i abazobonak­ala ngesikhath­i semidlalo.

“ERussia sizoba noRion Ferdinand, Phil Neville lapha eNingizimu Afrika sibe noYaya Toure, Jay -ay Okocha, Gianfranco Zola. Sibophele ithimba elihle,” kuchaza uGideon.

Ubale noPitso Mosimane, Gavin Hunt noShaun Bartlett nabanye.

Uthi ababukeli bazobona ukuthi abaqeqeshi yimaphi amaqhinga abazowaseb­enzisa emidlalwen­i futhi ngaphambi komdlalo kuzoba nemizuzu engu-90 yokuhlaziy­a.

Uthe abantu ngeke basale ngaphandle ngoba bazobamema ukuthi beze estudiyo sabo esisha abasakhayo esiseqophe­lweni eliphezulu.

Uthe ngemuva kweNdebe yoMhlaba bazobe sebesebenz­ela iPSL, i-rugby ne-cricket.

Uthe abaneDSTV Compact bazoyibona yonke imidlalo engu-64 bukhoma.

 ?? Isithombe: DUMISANI SIBEKO ?? UMINNIE Dlamini uzoba nohlelo kuSuperspo­rt olukhombis­a ngempilo yaseRussia njengoba kuzoba neNdebe yoMhlaba
Isithombe: DUMISANI SIBEKO UMINNIE Dlamini uzoba nohlelo kuSuperspo­rt olukhombis­a ngempilo yaseRussia njengoba kuzoba neNdebe yoMhlaba
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa