Isolezwe

U-Eymael ongancengi­le ufuna baphumele obala

- MINENHLE MKHIZE

UWANQUMELW­E ugwayi katiki amaqembu amgaqele umqeqeshi weFree State Stars uLuc Eymael.

Lo mqeqeshi odabuka eBelgium ufike kwezwakala eNingizimu Afrika. Ufike ezocija iPolokwane City ayifake kwiTop 8 kade kubhekwe ukuthi igawulwe yizembe.

Ngemuva kwalokho usindise iBloemfont­ein Celtic ezembeni. KwiStars ufike ekuqaleni kwesizini. Leli qembu lixoshe uSammy Throughton laqasha u-Eymael. Lo mqeqeshi wenze ezibukwayo ngesizini yakhe yokuqala.

Ufake iqembu kwiCAF Confederat­ion Cup, ngokudla isicoco seNedbank Cup wase eqeda kwiTop 8.

Ekhuluma nabezindab­a ngemuva kokushaya iTeam of Choice ngo 1-0 wegoli likaGoodma­n “Deco” Dlamini, u-Eymael ukubeke kwacaca ukuthi amaqembu amfunayo kumele acacise kuleli sonto.

“Uma iChiefs ifika ngemuva kwaleli sonto ngeke ngiye kuyona kodwa ngizobuyel­a kwiFree State Stars. Usuku nosuku iChiefs imataniswa nomqeqeshi omusha. Uma kungekho oqhamukayo kuleli sonto ngizobuyel­a kwiFree State Stars. Isikhulu seqembu uRantsie Mokoena naso siyazi. Kuleli sonto ngiya ekhaya eBelgium. Uma kukhona okumele kwenzeke kumele kwenzeke kulona. Ngeke ngifone, ngithumele umqhafazo noma ngibhale incwadi njengabany­e abaqeqeshi. Ngeneme kwiFree State. Iqembu lizonginyu­sela iholo ngesizini ezayo, “kusho u-Eymael.

Amakhosi athungatha umqeqeshi emuva kokuhlukan­a noSteve Komphela ophikwe yimiphumel­a iminyaka emithathu ilandelana. U-Aymael ubenqoba isicoco sakhe sokuqala eMzansi.

“Lesi yisicoco sesihlanu eminyakeni eyisishiya­galolunye ngingumqeq­eshi ezwenikazi i-Afrika. Senginqobe izicoco namaqembu ahlukene. Iningi lala maqembu akuwona amaqembu amakhulu. Le nto yokunqoba izicoco ihambisana nokulambel­a impumelelo. Uma ungabafaki ugqozi abadlali ngeke bakuwinele izicoco,” kusho u-Eymael.

IStars ihlababe ngoR7 million emuva kokuphakam­isa isicoco seNedbank Cup.

“Ngifisa ukubonga lonke ithimba lami labaqeqesh­i nezikhulu zeqembu ngokusesek­a. Abadlali ngibatshel­ile ukuthi asingajabu­leli ukuba semdlalwen­i wamanqamu kodwa kumele sijabulele ukuthi sinqobe umdlalo wamanqamu. Sikwazile ukumelana nengcindez­i yeMaritzbu­rg ngasekuphe­leni komdlalo. Abantu bayohlale bekhumbula ompetha. Ngeneme ngokuthi ngemuva kweminyaka engu-24 sikwazile ukufaka indebe ekhabethen­i lethu lezinkomis­hi, “kusho u-Eymael.

Lo mqeqeshi ulincomile iqhinga lakhe adle ngalo iTeam of Choice. “Besazi ukuthi bazoliphat­ha ibhola kodwa noma bebengalip­hatha amahora amathathu uma bengasigqo­bhozanga besinethub­a lokuwina umdlalo. Sikwazile ukuvala izikhala phakathi nenkundla futhi besivimba kahle uma bephethe ibhola. Siyabazi abasilona iqembu elishaya amagoli ngamabhola asuke egotshiwe. Besihlele ukuthi basebenzis­e izinhlango­thi bese begoba amabhola ngoba siyabazi ukuthi abayona ingozi kuleyo ngxenye yokudlala.”

Khona manjalo uMax Tshabalala ongumnikaz­i weBloemfon­tein Celtic utshele iSunday Times ukuthi iqembu liyadayisa ngoba unenkinga yemali. ICeltic ike yangabahol­ela abadlali ngesizini edlule baze bateleka ukuyojima.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMQEQESHI weFree State Stars uLuc Eymael ejabula neNedbank Cup ngemuva kokushaya iMaritzbur­g United eCape Town Stadium, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMQEQESHI weFree State Stars uLuc Eymael ejabula neNedbank Cup ngemuva kokushaya iMaritzbur­g United eCape Town Stadium, ngoMgqibel­o
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa