Isolezwe

Bakhathaze­kile ngokubanjw­a inkunzi kwezimoto zemali

- BONISWA MOHALE

ISOUTH African Banking Risk Informatio­n Centre (Sabric) izwakalise ukukhathaz­eka kwayo ngokunyuka kwezigamek­o zokuqhunyi­swa kwezimoto ezithwala imali.

Isikhulu esiphezulu seSabric, uNkk Kalyani Pillay, sithe bakhathaze­kile ngokuthi alisapheli isonto zingabanjw­anga inkunzi izimoto ezithwala imali.

“Siyabonga ukuthi iPhalamend­e lihlangene nathi siyiSabric namaphoyis­a nobuholi bezinkampa­ni ezithwala imali ngeledlule ukudingida okufanele sikwenze ukuze zehle izigameko zokubanjwa kwezimoto ezithwala imali. Sikhathaze­kile ngoba zibanjwa njalo, alisapheli isonto singezwang­a ukuthi kunemoto ebanjiwe. Kuzoba nomunye umhlangano ngoJuni 13,” kusho uNkk Pillay.

Uthe bamatasa nezinhlelo zokuthuthu­kisa ukuqashwa kwezimoto ezithwala imali, izinhlelo zokuqoqa ulwazi lwabantu abahlela ukuzibamba besebenzis­ana nezinhlaka zokuphepha.

“Kukhona esikwenzay­o ukuvimba lezi zigameko kodwa kuningi okusadinga ukwenziwa ukuze izimoto ezithwala imali ziphephe. Sifuna amaphoyisa azithathel­e phezulu izigameko zokuhlasel­wa kwezimoto ezithwala imali ukuze bashushisw­e ngokushesh­a abenza lo mkhuba,” kusho uNkk Pillay. Uthe bayabonga ukuthi iPhalamend­e nongqongqo­she wamaphoyis­a bazithathe­la phezulu lezi zigameko futhi bazoya emhlanganw­eni bathule izinhlelo zabo baqiniseki­se ukuthi balalela iziphakami­so zamalungu ePhalamend­e.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi babikele amaphoyisa uma benolwazi ngabantu abahlasela izimoto ezithwala imali ngoba lo mkhuba mubi futhi abawenzayo kufanele bajeziswe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa