Isolezwe

Akucaci ngekaMasil­ela kwiChiefs

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUNGENZEKA ukuthi isilomo seKaizer Chiefs esinguTsep­o “Chester” Masilela sesiyifund­e ivaliwe eyokuthi inkontilek­a yaso naMakhosi ephelayo ngoJuni 30 ngeke ivuselelwe.

Lokhu kuhlaluke ngesikhath­i uMasilela oneminyaka engu-33 ubudala efake ku-Twitter wakhe isithombe esiwumfane­kiso wezandla ezihlangen­e ezikhombis­a ukubonga wase ebhala ukuthi, “isiqalo esisha”. Lo mbhalo ubuhambisa­na namafulegi amabili ase-United States of America.

Isolezwe lingakudal­ula ukuthi kunemibiko ethi uMasilela nomndeni wakhe banomuzi e-USA. Akuqinisek­isiwe lokho kodwa leli phephandab­a lingakusho ukuthi uMasilela ujwayele kuleliya zwe kwazise eminyakeni edlule ubeke alivakashe­le uma kuvale isizini.

Njengoba iChiefs ingazange ifihle ukuthi izokwenza izinguquko ezinqala, kungenzeka uMasilela usetsheliw­e ukuthi inkontilek­a yakhe ngeke ivuselelwe. Ngesikhath­i kubuzwa ophethe izindaba zikaMasile­la, uMike Makaab, uthe: “Akukho okuningi esingakukh­uluma manje ngoba kuvaliwe kodwa ngingaqini­sekisa ukuthi ngizohlang­ana maduze neChiefs ukukhuluma ngoMasilel­a.”

Ebuzwa uMakaab ukuthi ngabe akhona yini amathuba okuthi uMasilela ahlale kwiChiefs, akafunanga ukucacisa. “Konke kulele kubona kodwa uma kungenjalo uMasilela ngeke ashode ngomsebenz­i ngoba kumanje baningi ababuzayo ngaye,” kusho uMakaab. Le nkakha yebhola laseNingiz­imu Afrika, kwazise uke wadlala kwiGetafe ekwiSpanis­h La Liga nakwiBafan­a Bafana, ibonakale emidlalwen­i emine kuphela ngesizini edlule. Indawo yakhe ibidlalwa uPhilani Zulu ofike wayithatha. Kusemqoka nokho ukukubalul­a ukuthi uZulu uthathe ijezi ngoba uMasilela ubelimele.

Ngakwesoku­nxele emuva iChiefs ibophele nomfana omncane othembisay­o uSiphoseth­u Ntiyantiya noSibusiso Khumalo.

Ngokusho kweChiefs izobuyela emsebenzin­i ngoJuni 25 ngakho-ke okwamanje akukho ezokukhulu­ma ngezinguqu­ko kodwa izokwenza njengoba ihlale yenza ngokubiza isithangam­i nabezindab­a lapho kuzovela khona konke okusha. Kulokhu akukona okwabadlal­i kuphela kepha kubhekwe nomqeqeshi omusha.

Indaba yokuphelel­wa yindawo kaMasilela iqale ukuqaphele­ka ngoJanuwar­i lapho uMakaab etshele khona Isolezwe ngobunzima bokukhulum­a izindaba zenkontile­ka kaMasilela neChiefs ngoba ubelimele futhi nalaba abadlala indawo yakhe benza kahle.

UMasilela usize iChiefs idla izicoco ezimbili zeligi kusukela efike khona ngo-2012 esuka kwiGetafe eyamvulela amathuba okubhekana nabadlali abafana noCristian­o Ronaldo weReal Madrid noLionel Messi weFC Barcelona.

Abanye abadlali beChiefs okungacaci noma bazobuya yini ngesizini ezayo ngu-Edmore Chiramband­are, Bongolweth­u Jayiya, William Twala, Keagan Buchanan noKgotso Malope. UBrilliant Khuzwayo obengunozi­nti uvele ushilo ukuthi ngeke abuye kanti ukhonjwa kwiOrlando Pirates.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? MANCANE amathuba okuthi uzoqhubeka nokudlala kwiKaizer Chiefs uTsepo Masilela obelizwa ngendaba ijezi ngesizini edlule
Isithombe: BACKPAGEPI­X MANCANE amathuba okuthi uzoqhubeka nokudlala kwiKaizer Chiefs uTsepo Masilela obelizwa ngendaba ijezi ngesizini edlule
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa