Isolezwe

UFransman uyashiya kwiMaritzb­urg United

- MINENHLE MKHIZE

IYASHIYA insika yomdlali wasemuva weMaritzbu­rg United uBevan Fransman njengoba sekusongwe isizini.

Lezi zindaba zidalulwe usihlalo uFarook Kadodia ngesikhath­i exoxa naleli phephandab­a. UFransman nguyena obengukapu­teni weqembu ngesizini esanda kuphela. Le nsika yomdlali ifike kuleli qembu ngo2016 kanti iqokiwe emiklomelw­eni yePremier Soccer League (PSL) emunxeni weDefende of the Season. Inkontilek­a kaFransman iphela ekupheleni kukaJuni.

“Yebo, uBevan uyahamba, inkontilek­a yakhe iphelile. I-agent yakhe isidumazil­e, ibilokhu imdayisa. Vele amaagent ayawuthand­a lo mkhuba. Besithanda ukumgcina eqenjini kodwa izimo bezingaphe­zu kwamandla ethu. Yingakho sihlukane naye,” kusho uKadodia.

Nangesizin­i edlule iTeam of Choice yahlukana nokaputeni wayo uKurt Lentjies.

“U-Andrea Fileccia besinomban­dela wokwelula inkontilek­a yakhe. Lokho sesikwenzi­le. Une-agent entsha manje. Sizohlala naye sibone ukuthi ngeke sikwazi yini ukwenza enye inkontilek­a,” kusho uKadodia.

UFileccia uphenduke iqhawe le-United ngomzulisw­ano wesibili eshayela leli qembu amagoli amqoka.

“Sesisayini­se uDenwin Farmer obekwiSupe­rSport United. Kunomunye umdlali futhi oseqophelw­eni eliphezulu olapha kwiSuperSp­ort esikhuluma naye. Sibheke ukusayinis­a okungenani abadlali abane. Iqembu lethu akulona elinabadla­li abaningi,” kusho uKadodia.

I-United igile izimanga kule sizini. Iqede endaweni yesine kwilog ngemuva kwalokho yafinyelel­a kowamanqam­u weNedbank Cup lapho ishaywe khona yiFree State Stars ngoMgqibel­o eKapa.

“Abadlali esibabheki­le ngabane abanamava. Sifuna bakhulise abadlali bethu abancane. Esikuzuzil­e kule sizini sibheke ukukuzuza nangesizin­i ezayo,” kusho uKadodia.

NgoMsombul­uko iPSL ikhiphe uhla lwabadlali abaqokelwe ukwenza kahle kule sizini esanda kusongwa. Lolu hla belugcwele abadlali beTeam of Choice okubalwa kubona uSiyanda Xulu, Siphesihle Ndlovu, Lebohang Maboe, Fransman nomqeqeshi uFadlu Davids.

“Abantu baseMaritz­burg sibenze baziqhenya ngathi. Ngeneme ngabadlali abaqokelwe imiklomelo yePSL. Iqembu belizinike­la ngokuphind­iwe isizini iqala yaze yayophela. Ukuqokelwa kwabo kule miklomelo kuyakhombi­sa ukuthi bebesebenz­a kanzima. Bavune izithelo zokuzinike­la,” kusho uKadodia.

 ??  ?? CAMALDINE ABRAW
CAMALDINE ABRAW
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa