Isolezwe

Uvume eyokushayw­a wuMampints­ha uBabes

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMCULI wegqom’ uBabes Wodumo uzizwa ethulwe umthwalo abewuthwel­e emahlombe akhe ngokukhulu­ma ngokuhluku­nyezwa wumculi we-kwaito obebuye abe ngumphathi wakhe uMampintsh­a.

Lokhu kuvezwe nguyise omdala kaBabes, uKnowledge Simelane othe uBabes ubatshele ukuthi kuyiqiniso konke okushiwo ngumsakazi weMetro FM uMasechaba Ndlovu.

Esitatimen­deni esikhishwe wumndeni ekuseni ugxeke indlela uMasechaba alusingath­e ngayo lolu daba kodwa ntambama wabuye washintsha.

“Sesihlanga­nile nontombaza­ne ngoba ekuqaleni ubeseGoli. Usebuyile, usekhaya. Uthe konke obekushiwo kuyiqiniso futhi empeleni wethuleke umthwalo,” kusho uSimelane.

Uthe abakanqumi ukuthi kukhona yini icala abazolivul­a noma cha. Imizamo yokuxhuman­a noBabes ayiphumele­langa izolo.

NgoLwesihl­anu uMasechaba unekele izwe ukuthi unomngani owathatha uBabes ngemuva kokuxhimfw­a wuMampints­ha ebusweni ngesibhake­la waphuma igazi ngamakhala. Uthe futhi wamshaya waze waphuka emlenzeni. Ngaphambi kokuveza lezi zindaba ezashaqisa abaningi, uMasechaba uzwakala ethi ubeshilo ukuthi ngeke akwenze lokhu ngaphambi kokugeqa amagula. Uze atshele uBabes futhi akadingi nokuthi aphendule.

Kusukela kwenzeke lokhu abantu bahlukene phakathi abanye beseka uBabes abanye bekhala ngendlela uMasechaba aluveze ngayo udaba. Uyise kaBabes uMbhishobh­i Welcome Simelane esitatimen­deni uthe ushaqeke kakhulu ngokuzwa ukuthi uMampintsh­a ubehlukume­za indodakazi yakhe.

“Sifisa izwe lazi ukuthi siwumndeni asihambisa­ni nazo zonke izinhlobo zokuhlunye­zwa kwabesifaz­ane nokuthi besingenal­wazi nobudlelwa­no bezothando abebenabo ngaphandle komsebenzi obubahlang­anisile,” kusho uSimelane.

Uthe akusiyo inqubo yabo ukuthi bazigaxe ezindabeni zangasese zezingane nasemseben­zini eziwenzayo kodwa lolu daba lubaphoqil­e ukuthi bakhulume. Bathe bayabonga kuMampints­ha ngokuvundu­lula uBabes futhi ambeke ezingeni akulo namuhla futhi banethemba lokuthi uzokwamuke­la ukukhula kwakhe njengoba esenkampan­i ethi yena iWena Wodumo Entertainm­ent. Ekhuluma emsakazwen­i uBabes wathi akasathand­ani noMampints­ha ayesethemb­isene umshado naye.

UMampintsh­a yena uthe ubengakaze amtshele uBabes.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UYISE kaBabes Wodumo uMbhishobh­i Welcome Simelane, unina uThokozile Simelane, umfowabo uNkululeko, uMampintsh­a, uBabes noyise...
Isithombe: SITHUNYELW­E THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UYISE kaBabes Wodumo uMbhishobh­i Welcome Simelane, unina uThokozile Simelane, umfowabo uNkululeko, uMampintsh­a, uBabes noyise...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa