Isolezwe

UNandi Madida nezibukway­o kolwengqep­hu azobe eluphethe

- NOKUBONGWA PHENYANE

INTOKAZI yaseThekwi­ni esizakhela igama emculweni nasekuhamb­eleni amazwe omhlaba yethula izinhlelo, uNandi Madida (osesithomb­eni) ithembise into yamehlo ohlelweni lwayo oluzokhuli­sa intsha efuna ukungena kwezemfash­ini, iMade Africa.

Uhlelo luzoqala ngoLwesith­athu, Meyi 30, kwiBET (DStv 129), ngo-9, ebusuku.

UNandi echaza uthe uhlelo luqoshwa eThekwini, inhloso yalo wukuqhakam­bisa ithalente ezwenikazi, i-Afrika.

“Kuzobonaka­la ukuzikhand­la nezinyembe­zi kubona bonke abalungene­le. Konke lokhu kuzobe kwenzeka ngoba oyedwa kulaba ufuna ukuhlaba umxhwele amajaji futhi azakhele igama endimeni yemfashini ngemisiko,” kusho uNandi.

Uthe uhlelo luzoveza imfashini futhi abantu bayibuke ngenye indlela.

“Oyowina ohlelweni uyothola ithuba eliyingqay­izivele njengoba izingubo ezenziwe nguye ziyotholak­ala ezitolo ezehlukene zakuleli,” kuchaza uNandi.

UMonde Twala wakwaBET, uthe bajabule ngokuba nohlelo oluzohlang­anisa intsha yasezweni i-Afrika, izokhombis­a ngamathale­nte.

“Sibonga abaxhasi balolu hlelo, uMnyango wezokuThut­hukiswa koMnotho neKZN Film Commission,” In kuchaza uTwala.

Uthe esiqeshini sokuqala kuzobonaka­la uNoloyisa Lubelwana noTowa Mungandi, beqophisan­a ekwenzeni umsiko ozodonsa amehlo amajaji.

Kulolu hlelo kuzobonaka­la osaziwayo okukhona kubo uVanessa Leisegang, Zama Mathe, Francois Vademme, Adama Amanda Ndiaye waseSenega­l, Natasha Tlagae waseBotswa­na, Tiffany Prior, Ndabo Langa, Sthandiwe Kgoroge noSbahle Mpisane benza izinto ezehlukene kulona.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa