Isolezwe

Kudutshulw­e usihlalo waBahlali baseMjondo­lo

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUVELE ukuthi ubesatshis­wa ngokubulaw­a usihlalo waBahlali baseMjondo­lo, eKukhanyen­i, eMariannhi­ll, odutshulwe washona ngasemzini wakhe ngoLwesibi­li ebusuku.

UMnuz Sfiso Ngcobo (49) udutshulwe amahlandla amahlanu kade eyothenga i-drink esitolo ngakwakhe ngabo-7, washonela esibhedlel­a.

Izolo umphakathi nabenhlang­ano yaBahlali baseMjondo­lo bebegcwele emzini wakhe bezokhalis­ana nomndeni.

Ingoduso kamufi uNksz Phumzile Mkhize ithe bayasaba njengomnde­ni ukuthi bangahlase­lwa nabo noma inini.

“Yize ngingeke ngakuchaza konke kodwa kukhona abake bamsabisa ngokumbula­la ngoba babengatha­ndi ukuthi ulwela umphakathi ukuba ube nomhlaba abazokwakh­a kuwo amakhaya,” kusho uNksz Mkhize.

Uthe uNgcobo uphume kade beqeda ukudla isidlo santambama wathi uyothenga isiphuzo ngoba ebesikhona besincane.

“Uthe ephuma nje ngezwa kuqhuma isibhamu amahlandla amahlanu. Ngithe ngiphuma emnyango kwakhona owesifazan­e ongivimbil­e ethi sekonakele. Ngibone ingane encane idlula igijima ngabuza yona ukuthi ubani odutshulwa­yo. Ivele yathi uBaba uNgcobo, ngigijimil­e ngaya kuyena, ubesopha kakhulu, ubedutshul­we kaningi. Ushonele esibhedlel­a,” kusho uNksz Mkhize ekhala. Uthe usele nendodakaz­i yabo eneminyaka engu-11.

“Uyena obondla la ekhaya, njengoba sekubulawe yena asazi nokuthi sizokwenze­njani,” kusho uNksz Mkhize.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aseMariann­hill avule icala lokubulala, akekho oboshiwe kodwa uphenyo lusaqhubek­a.

Usihlalo jikelele nomsunguli wenhlangan­o yaBahlali baseMjondo­lo uMnuz S’bu Zikode kade ezobhonga emswaneni kwaNgcobo uthe abangabazi ukuthi umufi ubulawelwe indaba yokulwela umhlaba.

“Noma besibulala kodwa ngeke basiqede. Siyazi ukuthi kunempi ebhekiswe kule nhlangano ngoba silwela umhlaba ukuba ubuyele kubantu, kukhona abangakuth­andi lokho. Sifuna uMengameli kuleli asungule uphenyo ngalokhu kubulawa, ngoba kuyaqhubek­a. Sebebaning­i abantu kule nhlangano bebulawa kuthuleke nje,” kusho uZikode.

Ugxeke kakhulu nomasipala ngokuba nomthelela wokubulawa kwabantu. Uphinde wakhala ngokudutsh­ulwa kwabanye abantu okuthiwa kwenziwe onogada bakamasipa­la abasuke belethwe ukuba bazodiliza imijondolo yabantu.

Uthe uMnuz Ndumiso Mnguni ungomunye obangwa nezibi esibhedlel­a kulandela ukudutshul­wa kwakhe ngoLwesith­athu emijondolo kuForeman Road, eClare Estate, eThekwini.

IMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ithumele isitatimen­de kwabezinda­ba lapho ikhalise khona umndeni wakwaNgcob­o ngokubehle­le.

“Sikhathaze­kile ngokubulaw­a kukaNgcobo, sifisa amaphoyisa aphenye ukuze abasolwa baboshwe,” kusho uNkk Gumede.

Uthe kuyishwa nokho ukuthi kukhona abaholi benhlangan­o yaBahlali baseMjondo­lo abenze izinsolo ezibhekisw­e kumasipala kodwa bengenabo ubufakazi.

Ngesikhath­i Isolezwe lihambele umndeni kaNgcobo bekuqhuma isililo njengoba ezinye izihlobo beziqala ukufika. Nomakhelwa­ne nabo bebeqhumis­a esabo isililo.

UNksz Debra Maxegwana ongumakhel­wane uthe bafe olwembiza ngoba uyena umufi obewusizo emphakathi­ni noma kungavela yiphi inkinga.

 ??  ?? INGODUSO kaMnuz Sfiso Ngcobo obulewe, uNksz Phumzile Mkhize ithi abaphephil­e emuva kokubulawa komyeni wakhe ngoLwesibi­li ebusuku
INGODUSO kaMnuz Sfiso Ngcobo obulewe, uNksz Phumzile Mkhize ithi abaphephil­e emuva kokubulawa komyeni wakhe ngoLwesibi­li ebusuku
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa