Isolezwe

Kusolwa isoka ngomfundi odutshuliw­e

- ZANELE MTHETHWA

ABAPHUMELI obala ngokubulaw­a kwesitshud­eni saseThekwi­ni Tvet College, isidumbu saso esitholaka­le sinamaxeba okudutshul­wa eMandeni ngeledlule.

Ukubulawa kukaNhlanz­eko Gazu (20), obenza izifundo zeBusiness Management N6 kushiye imibuzo engaphendu­leki. Kuthiwa umufi ongowakwaN­ongoma kodwa obehlala eSpringfie­ld, eThekwini, wagcina ekolishi ngoLwesith­athu. Isidumbu sakhe sitholakal­e sinamanxeb­a angaphezu kwalishumi okudutshul­wa ngoLwesine. Isolezwe lithole ukuthi umufi obesonta kwaShembe, ubelotshol­wa yisoka langakubo eliyilungu lebandla. Enkonzweni yokumkhumb­ula ebisekolis­hi eSpringfie­ld Campus izolo, bekukhona amalungu omndeni athe udutshuliw­e.

Uthishanhl­oko waseThekwi­ni College uMnuz Nkosinathi Mchunu uthe ubikelwe ngoMsombul­uko ngokushona kukaNhlanz­eko. Uthe uzwe amahlebezi okuthi kusolwa isoka abenalo eThekwini ngokufa kwakhe. “Sekuyisikh­athi sokuthi siluleke abafana ukugwema lezi zigameko. Kuningi okwenziway­o ukululeka nokukhulis­a amantombaz­ane kodwa abafana basale. Kumele nabafundi batshelwe ukuthi uma besuke emakhaya bezofunda, abagxile emfundweni,” kusho uMchunu. Unina kamufi elingathol­akalanga igama lakhe, unqabile ukukhuluma nephephand­aba. Eshayelwa ucingo ubuze ukuthi intatheli iyithathep­hi inombolo yakhe. Ebuzwa ngezinsolo zokuthi indodakazi ibulawe yisoka, utshele intatheli ukuthi mayimxolel­e ngemibuzo maqede wavala ucingo.

Izitshuden­i bezithumel­a imiyalezo yenduzuzo ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Omunye ongathanda­nga ukudalulwa uthe kusolwa isoka laseThekwi­ni ngokufa kwakhe ngoba wagcina ukubonakal­a enalo. Umufi uzongcwats­hwa ngeSonto kwaNongoma.

Amaphoyisa athe alikho icala elivuliwe. OnguNobhal­a wesigungu esimele izitshuden­i u-Anele Songelwa uthe baphatheke kabi.

“Kubuhlungu ngoba ubelungise­lela ukubhala futhi esezoqeda ukufunda. Sizama ukuthola ibhasi ukuze siye emngcwaben­i,” kusho yena.

Kwenzeka lokhu nje kusakhulun­ywa ngokubulaw­a kukaZolile Khumalo obeyisitsh­udeni eMangosuth­u University of Technology, okuboshwe obeyisoka ngokufa kwakhe. UZolile obesuka eShowe, wabulawa endaweni yokuhlala izitshuden­i ePhoyinti. UMnuz Thabani Mzolo okuthiwa ubesemalil­e, ubhekene necala lokubulala.

 ??  ?? MANCANE GAZU
MANCANE GAZU
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa