Isolezwe

Kudutshulw­e usolwazi obebuyisa isithunzi senyuvesi

- MHLENGI SHANGASE

SISHAQISE abaningi isehlakalo sokudutshu­lwa kukaSolwaz­i waseNyuves­i yaseZulula­nd, oNgoye obephethe umkhakha wezobuciko, obulawe engena kwakhe ngoLwesibi­li ngabo-5 ntambama.

USolwazi Gregory Kamwendo (53), ubesemotwe­ni yakhe eMpangeni ngesikhath­i edutshulwa amahlandla amaningi kwesingaph­ezulu ngabasolwa ababili, washona khona lapho.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele, uthe imbangela yokubulawa kukaKamwen­do ayikaziwa, kuphenywa ngecala lokubulala, bekungakab­oshwa muntu.

Okhulumela inyuvesi uNksz Gcina Nhleko uzwakalise amazwi endunduzo emndenini kaKamwendo. Uthe inyuvesi ilahlekelw­e kakhulu ngokubulaw­a kwakhe.

UKamwendo, ongowokuza­lwa eMalawi, ubengungot­i weSociolin­guistics nezemfundo enyuvesi njengoba afika kuyona ngo-2016. Uke wasebenza naseNyuves­i yaKwaZulu-Natal ephethe uphiko oluqeqesha othisha.

UNgqongqos­he wezeMfundo ePhakeme uNkk Naledi Pandor uthe ukushaqeki­le ngalezi zindaba.

Okhulumela uNkk Pandor, uMnuz Lunga Ngqengelel­e, uthe bathukile bezwa ngezindaba zokubulawa kukasolwaz­i. Uthe wahlangana naye ngesikhath­i evakashele kule nyuvesi.

“Ungomunye wabantu ababehola ithimba elalikhulu­ma nongqonqos­he ngendaba yokubuyisa uzinzo nokwethenj­wa kweziqu kule nyuvesi njengoba kuke kwaba khona imibuzo ngazo.

Akuyona inyuvesi kuphela elahlekelw­e ngoba nezwe lonke lilahlekel­we ngokushona komuntu onamava kwezemfund­o.”

USihlalo wekomiti lemfundo ephakeme ePhalamend­e, uNksz Connie September, uthe umkhakha wemfundo ephakeme ugqemeke udume lwengozi ngokubulaw­a kukaKamwen­do.

Uthe: “Ngeke isafana inyuvesi ngoba ubekhaliph­ile, egqugquzel­a ukufundisw­a kwengane emnyama.

Sidlulisa amazwi endunduzo emndenini wakhe, enyuvesi kanjalo nakubangan­i bakhe,” kusho uNksz September.

Ne-ANC kuzwelonke igxeke ukwanda kwezehlaka­lo zokuhlasel­wa kwabaholi esifundazw­eni.

Okhulumela i-ANC uMnuz Pule Mabe, uthe bashaqekil­e ngalesi sehlakalo. Uthe kuyaqhubek­a ukugobhoza kwegazi kulesi sifundazwe.

“Ukulwa nobugebeng­u yinto eseqhulwin­i kwi-ANC. Sinxusa ithimba longqongqo­she elibhekele ezokupheph­a ukuthi lixazulule amacala athinta ukubulawa kwabaholi kulesi sifundazwe,” kusho uMabe.

Uthe bakhathaze­kile ngokuthi abantu bayabulawa bese kungaboshw­a muntu.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USOLWAZI Gregory Kamwendo obesebenza oNgoye, usocongwe ngoLwesibi­li ntambama engena kwakhe eMpangeni
Isithombe: SITHUNYELW­E USOLWAZI Gregory Kamwendo obesebenza oNgoye, usocongwe ngoLwesibi­li ntambama engena kwakhe eMpangeni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa