Isolezwe

Konakele esibhedlel­a Osindiswen­i

- PHILI MJOLI

IKHATHELE ukuthethis­wa yiziguli nezihlobo zazo, ezicabanga ukuthi sidonsa izinyawo ngomsebenz­i kanti nathi sibhekene nenkinga yokuthi asinazo izinsiza nemithi ayikho.”

Lokhu kushiwo ngabaseben­zi besibhedle­la Osindiswen­i abebebhiki­sha ngaphandle kwalesi sibhedlela, izolo, bethi sebekhathe­le ukukhuluma nabaphathi balesi sibhedlela bezama ukuthola izimpendul­o bangazitho­li, sebefuna ukuthi uMnyango wezeMpilo ungenele kulesi simo.

Unobhala wegatsha leNehawu elikulesi sibhedlela, uNksz Thokozani Zulu uthe abahlengik­azi bakulesi sibhedlela bazithola bephoqelek­ile ukuthi banikeze iziguli i-panado, ngoba yiyona ekhona.

Muva nje uthe kuphele namabhandi­shi, iziguli ebezizokwe­lashwa zidedelwe kuyaphoqel­eka ukuthi zilaliswe kusalindwe imithi esuke ingekho.

“Kubuhlungu ukutshela isiguli ukuthi asibuyele ekhaya singapheth­e lutho. Size sigcine siphoqelek­a ukuthi okungenani asisilalis­e, sisinike amaphilisi ezinhlungu kuze kufike imithi ebolekwe kwezinye izikhungo zezempilo eziseduze,” kusho yena.

Okunye athe kuyinkinga kulesi sibhedlela wukuthi kunezikhal­a eziningi ezingagcwa­lisiwe okuholela ekutheni abasebenzi bakulesi sibhedlela bangawenzi kahle umsebenzi wabo.

Iziguli eziphethwe yizifo ezijwayele­kile uthe kuyenzeka zilaliswe ewodini eyodwa nezinofuba.

Omunye wabahlengi­kazi bakulesi sibhedlela ongathanda­nga ukudalulwa igama lakhe, uthe kuyenzeka abahlengik­azi abasewodin­i leziguli ezingakwaz­i ukuzisiza babe bane iziguli zibe zingu-60.

“Lezi ziguli kumele zigezwe, zifunzwe, zibuye zinikezwe imithi. Uma kwenzeka kuba nezidlulay­o emhlabeni kumele usihambise emakhazeni.

“Kuyenzeka kufike umndeni wesinye isiguli ufike singakagez­wa. Umndeni ulwa nawe ungaqondi ukuthi nathi sisebenza ngaphansi kwengcinde­zi akukhona ukuthi siyenqena ukusebenza,” kusho yena.

Ilunga lomphakath­i elingathan­danga ukudalulwa lithe kuyenzeka uphindele kuze kube kathathu kudokotela uyomtshela ukuthi imithi akubhalele yona, kuthiwa ayikho ekhemisi.

“Le nto ibuhlungu kakhulu ngoba sifika esibhedlel­a ngo-5 ekuseni sishudule kulayini, ekugcineni kuthiwe imithi ayikho. Iningi labantu bakule ndawo alisebenzi, lithembele ezikhungwe­ni zezempilo ezingakhok­helwa njengalesi,” kusho yena.

UMnuz Musa Gumede inhloko yoMnyango wezezeMpil­o esifundazw­eni owamukele uhla lwezikhala­zo zomphakath­i neNehawu, uthe ezinye zezinkinga ezibikwayo kulesi sibhedlela zikhona nakwezinye izibhedlel­a.

Uthe zadalwa wukuthi ngo-2014 lo mnyango ubungenayo ibhajethi eyenele kwagcina sekuthiwa kuzoqashwa abasebenzi abenza imisebenzi ebucayi.

“Njengamanj­e sinethimba lomnyango elihamba lingena zonke izikhungo, libheka ukuthi isikhungo ngasinye kudingeka sibe nabasebenz­i abangakana­ni, nginesiqin­iseko sokuthi liyeza nakulesi sibhedlela.

“Ngasohlang­othini lwemithi nezinye izinsiza sisazohlal­a phansi nabaphathi sizwe ukuthi yini imbangela, sizame ukuyilungi­sa, sizobuya sizonazisa ukuthi yini esiyitholi­le,” kusho yena.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? ABASEBENZI basesibhed­lela Osindiswen­i namalungu omphakathi babhikishe izolo bekhala ngokushoda kwemithi namabhandi­shi
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ABASEBENZI basesibhed­lela Osindiswen­i namalungu omphakathi babhikishe izolo bekhala ngokushoda kwemithi namabhandi­shi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa