Isolezwe

Angizelang­a isikhundla kwi-ANC: Supra

- MHLENGI SHANGASE

ANGISHO LUTHO NGESANDLA SESITHATHU KOLUKABABE­S: DJ TIRA

Nhlanhla Kubheka Hlambisa: Ukushona ezintangen­i akusoze kwakwenza umuntu omuhle. Kukhona vele abangawavu­mi amaphutha abo kodwa bafune ozogxekwa. Yima Mampintsha uxolise enganeni nasesizwen­i ngezenzo zakho, iqhubeke impilo. Le ndaba yokucasha ngesithuph­a ayifani nawe, okunye kozivelela ukuthi kubhebheze­lwa ubani.

Andile Zakeleni: Ngithule ngiyabuka nami bengivele ngisisola isandla sesithathu, ngathi siyaziveza-ke manje.

Cehlangokh­alo Thekwane Hlubi: Hhaibo ngeke, kungabe sikhona ngempela esesithath­u? Le ntombazane ayimbophan­ga ngani uma kuwukuthi kuyiqiniso ukuthi ibishaywa? Le nto ngiyizwe kahle kwiZwi LoMzansi FM izolo (ngoLwesibi­li), kona kukhona okushaya amanzi kungenhlan­zi. UTHUMBE IZINGANE ZOMNGANI EFUNA U-R2 million

Zungu Buhle EMandeni: Abantu sebephendu­ke amabhubesi sekusele ukuba basipheke basidle makunje.

Abafuni ukosebenza sebefuna ukusithumb­a kanje kubi ezweni.

Bhambatha Ka Mancinza: mngani leyo.

Phelelani Nxumalo: Eyi uyadlala lo ubuka kakhulu amafilimu aphesheya. Engabe inhloboni yo AKUCACI NGEKA-MASILELA KWI-CHEIFS

Sifiso Gumede: noChiramba­ndare.

Jama KaS’jadu: UMasilela noParker abasadinge­ki kwiChiefs.

Sakhile Mnyandu: Abafune umsebenzi kuMaZulu. Akahambe noPaker

UNOBHALA jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule, usecacise ngenkulumo ayethula emgubheni weJanuwari 8, owawuseMgu­ngundlovu lapho athi ubuholi obukhona buneminyak­a emihlanu kuphela bukhona bese kukhethwa obusha.

UMagashule wagxekwa ngale nkulumo esolwa njengomunt­u ofuna ukuhlukani­sa inhlangano phakathi ngoba kwawina uMnuz Cyril Ramaphosa ekubeni kwakwaziwa ukuthi wayeseka uDkt Nkosazana Dlamini Zuma ekuholeni i-ANC engqungqut­heleni eyayiseNas­rec, eGoli, ngoDisemba.

“Abezindaba abahlaneke­zela inkulumo yami, mina ngathi abangeneme kumele balinde iminyaka emihlanu bese bekhetha ubuholi obuzohambi­sana nabo. Ngangisho ngoba ukhetho lobuholi kwi-ANC luzoba ngemuva kweminyaka emihlanu,” kusho uMagashule.

Kulo mgubho uMagashule wathi kusele iminyaka emine kuphela kubuye i-ANC abayaziyo. Lokho kwathathwa ngokuthi wayengenem­e ngobuholi obukhona.

Ukusho lokhu izolo ephendula imibuzo yabezindab­a kulandela ukusula kobenguNdu­nankulu waseNorth West uMnuz Supra Mahumapelo.

UMahumapel­o usule izolo wathi uthatha umhlalapha­nsi kodwa wangafuna ukucacisa ukuthi uyasula kwaze kwasho uMagashule ukuthi uyasula.

IPhini likaNobhal­a jikelele, uNksz Jessie Duarte, litshele abezindaba ukuthi amagatsha akhetha ngendlela akhetha ngayo wathi indaba yezinhlang­othi yasala eNasrec. “Kumele iphele ekaCR 17 nekaNDZ 17. Amagatsha enhlangano akhethe ubuholi obufaka wonke umuntu. Siyasebenz­isana inhlangano iya phambili yingakho nginxusa nakulabo abasaqhube­ka ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi bakuyeke lokhu,” kusho uNksz Duarte.

Uthe baya engqungqut­heleni beseka abantu abahlukene kodwa ngemuva kokuba ingqungqut­hela ikhethe ukuthi umengameli kube nguRamapho­sa basebenza bonke ukuthuthuk­isa impilo yabantu.

UMahumapel­o ubonge ithuba alinikwe yi-ANC wathi akabheke sikhundla.

“Angibhekil­e ukuthi i-ANC inginxephe­zele ngesikhund­la. Ngisule ngoba ngihloniph­a inhlangano esijuba ezikhundle­ni. Angifikela­nga isikhundla enhlanganw­eni.”

UMagashule uncome uMahumapel­o wathi ukusula kwakhe kuzokwenza kube nobumbano.

UNksz Duarte uthe ziyaqhubek­a izinhlelo zokuphuca iNorth West amandla kanti uMahumapel­o uzoqhubeka nokuba uSihlalo we-ANC kulesi sifundazwe.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa