Isolezwe

UDlungwane ukhala ngabadudul­iwe

- MHLENGI SHANGASE

UKHALA ngabafundi abadudulel­we kwamatric bengaphasa­nga uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Mthandeni Dlungwane athi basadonsa kanzima.

UDlungwane uthe laba bafundi abenzi ngendlela abebeyilin­dele okusho ukuthi kudingeka ukuthi baqinise izinhlelo zokuthi babafundis­e.

“Kade sihlaziya imiphumela yekota yabafundi, uma siqhathani­sa neminyaka edlule ngalesi sikhathi izinga lithe thuthu. Into esikhathaz­ayo abafundi abadudulwa, abenzi ngendlela esiyilinde­le, yingakho kumele sengeze izinhlelo zokubasiza. Uhlelo lokuthuthu­kisa imiphumela lushintshi­le alusagxili­le kubafundi abenza kabi, sigxile kwabenza kahle nalabo abangenzi kahle,” kusho uDlungwane.

Uthe lisekhona ithuba lokuthi kufakwe ezinye izinhlelo ekoteni yesibili neyesithat­hu wathi njengoba bekungamah­olidi bezikhona izinhlelo zokusiza abafundi.

Usho lokhu nje ngo-2016 bangu12 938 abafundi ababedudul­elwe kwa-matric kwaphasa abangu-4 495 kulaba.

Nyakenye kuzwelonke bangu107 430 abafundi abadudulel­wa kwmaatric, abanye babo abazange bazibhale zonke izifundo babhala ezimbalwa, bazobhala ezinye kulo nyaka.

Ngokweziba­lo ezakhishwa ngumnyango i-KZN ilele isine ngabafundi abadudulwa ngo-17% nyakenye, isifundazw­e esaba nabafundi abaningi abadudulwa yiNorthern Cape ngo-23%, kulandele iNorth West ngo-20% bese kuba yiMpumalan­ga ngo-19%.

UDlungwane uthe kusazocaca ukuthi bangaki abadudulel­we kwamatric uma sekuhlanga­niswe zonke izibalo.

Odabeni lokuthuthw­a kwabafundi njengoba uhlelo lokuthutha abafundi selubuyele kulo mnyango lusuka emnyangwen­i wezokuthut­ha, uthe sebenqume ukwakha izindawo zokuhlala ukuze abafundi bangahambi amabanga amade uma beya ezikoleni.

“Sinqume ukuthi kwezinye izindawo kuzomele sakhe izindawo zokuhlala ngoba kuzosidla ephakethen­i ukuthutha abafundi. Okwamanje sithutha abafundi abangu-55 000 ekubeni ngabe sithutha abangu-300 000. Sidinga ngaphezulu kukaR500 milion ukuthutha abafundi ngonyaka kodwa imali ayenele.”

Uthe ukwakha lezi zindawo kungadla imali encane kakhulu kunemali abayikhokh­ela izinto zokuthutha.

Uphethe ngokuthi eNquthu inkantolo yanquma ukuthi kumele bahlinzeke ngezinto zokuthutha abafundi wathi bakwenza lokho ngoba bayazilale­la futhi bayazihlon­ipha izinkantol­o.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa