Isolezwe

AmaKhomani­si ajahe kudedelwe umbiko weKhomishi­ni kaMoerane

- MLUNGISI GUMEDE

I-SACP ifuna udedelwe ngokushesh­a umbiko weKhomishi­ni kaMoerane ebiphenya ngokubulaw­a kwabantu KwaZulu-Natal, ukuze kutholakal­e ikhambi lokuqeda ukubulana.

Esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo, uNobhala wesigungu esisha samaKhoman­isi esifundeni iTheku, uMnuz Phumlani Mthembu uthe bakhathaze­kile ngokungaph­othulwa kombiko kaMoerane.

“Ukukhishwa ngokushesh­a kwalo mbiko emphakathi­ni kuzoba neqhaza elibalulek­ile emkhankasw­eni wokulwa nesihlava sokubulawa kwabantu esifundazw­eni ngoba ikhomishin­i izokwazi ukuveza ukuthi yiziphi izinto ezenza abantu babulalane nokuthi kungagweny­wa kanjani,” kusho uMthembu, okhethwe nesigungu sakhe engqungqut­heleni ebiseMango­suthu University of Technology ngempelaso­nto.

IKhomishin­i kaMoerane bekulindel­eke ukuthi ikhiphe umbiko wayo ngasekuphe­leni kwenyanga uMashi.

UNdunankul­u waKwaZuluN­atal uMnuz Willies Mchunu ngesikhath­i esesithang­amini nabezindab­a eThekwini ngoMsombul­uko, uthe iKhomishin­i kaMoerane icele ukuthi bayelulele isikhathi ukuze ikwazi ukuqeda ukuhlangan­isa umbiko wayo.

“Bacele ukuthi sibanikeze isikhathi kuze kuphele uMeyi khona bezokwazi ukuqoqa yonke into abayitholi­le bakwazi ukuyifaka embikweni wabo,” kusho uMchunu.

UMchunu wasungula le khomishini ngemuva kokwenyuka kwezinga lokubulawa kwabantu nosopoliti­ki eKZN.

“Asikhathaz­ekile kuphela ngokubulaw­a kwabantu KwaZuluNat­al futhi sidiniwe ngokuthi isifundazw­e sethu sesiphendu­ke inkundla yokubulawa kosopoliti­ki,”kusho uMthembu.

Unxuse abangaba nolwazi olungahole­la ekubanjwen­i kwababulal­i nabathumi babo ukuthi babikele amaphoyisa. USihlalo wamaKhoman­isi eThekwini, uMnuz Zakhele Gumede uthe sekucacile ukuthi amaqabane abulalana ngoba ebanga amandla okuphatha izinsiza zikahulume­ni.

“Wonke umuntu ufuna ukuba semandleni khona ezokwazi ukudla nalabo asondelene nabo. Ayikho enye into eyenza kubulawane ngaphandle kwaleyo,” kusho uGumede.

Ubuholi bamaKhoman­isi buthe abaneme ngendlela uMkhandlu weTheku ophethwe ngayo. Buphakamis­e ukuthi kube nophenyo ngohlelo lokuqasha abetoho olubizwa nge-EPWP.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa