Isolezwe

Bamincile abashadika­zi kushuba kowabo

- ZANELE MTHETHWA

BABAMBE umoya ukuthi bangene emzuliswan­eni wokugcina abesifazan­e abathathu baseThekwi­ni, abangenele umncintisw­ano kaTammy Taylor Mrs South Africa (SA).

UDkt Nqobile Sithole (32), uNkk Natisha Makka (40) noNkk Jo-Ann Barnwell (37) bayingxeny­e yabangu-100 abangenele umncintisw­ano, ngoJuni 29 okuzohlung­wa kubo iTop 25 e-Emperors Palace eGoli. Lezi zintokazi izolo bezihlange­ne eBallito ukuyoqokel­ela imfucuza njengoba zisebenzis­ana neMpact Recycling. Le mfucuza izogaywa kabusha kwenziwe imikhiqizo emisha bese imali ezoqoqwa inikelwe esikhwamen­i sezintanda­ne. Ukunikela kungeminye yemigomo yomncintis­wano ukuze abangenele babe semathuben­i okucosha amaphuzu.

UDkt Sithole onendawo yokusebenz­a Ethekwini Wellness Centre, uthe uyathemba ukuthi uzongena kwiTop 25 ngoba isicoco kumele sibuyele KwaZulu-Natal. UDkt Sithole owaphothul­a u-matric eBizimali High eNkandla, uthe ubevele enothando lokuthuthu­kisa umphakathi nokunikela, yingakho engenele uMrs SA.

“Ngakhula emakhaya ngihamba ngezinyawo njengazo zonke izingane. Ngibonile ukuthi imfundo iyishintsh­e kanjani impilo yami, yingakho ngikhuthaz­a nabanye ukuthi bafunde. Ngasungula isikhwama somfundaze ukunikelel­a abafundi abaphasa kahle eBizimali. Ngiyabuyel­a nasesikole­ni ngiyobakhu­thaza abafundi,” kuchaza uDkt Sithole.

Unezingane ezintathu. Uthe selokhu engenele umncintisw­ano nasekhaya bakhuthaze­kile ngoba uqale phansi wazinaka kakhulu.

UNkk Barnwell uthe bobathathu bahlangany­ele ukuqokelel­a imali ezongena kwiWomen For Women Movement eyingxenye yomncintis­wano. Uthe ukholwa ukuthi ngokufukul­a nokuthuthu­kisa owesifazan­e oyedwa, kungabunjw­a isizwe esiqinile. Uveze ukuthi ngalo mncintiswa­no ufuna nokuba yisibonelo ezinganeni zakhe. NgoJuni 1 lezi zintokazi zizoba nomdlalo wegalofu eGoli lapho zizobe ziqhubeka nokuqokele­la imali yesikhwama. Ngokwesish­iyagalombi­li nonyaka kusukela kwasungulw­a lo mncintiswa­no ongenelwa ngabesifaz­ane abashadile.

Kulindelek­e ukuthi ngasekuphe­leni konyaka uNkk Nicole Capper waseGauten­g, adlulise isicoco kwenye intokazi. Ngaphambi kwakhe isicoco besiphethw­e nguNkk Hlengiwe Twala waseNorth West. Isicoco sagcina ukuza KwaZulu-Natal ngo2015 sihlwithwa nguNkk Candice Abrahams owagcina enguMrs World ngo-2016.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE/ANA ?? BAMINCELE ukungena kwiTop 25 abangenele iTammy Taylor Mrs South Africa, okunguNkk Jo-Ann Barnwell, uDkt Nqobile Sithole noNkk Natisha Makka abathathwe eBallito izolo emkhankasw­eni wokunikele­la isikhwama sezintanda­ne
Isithombe: GCINA NDWALANE/ANA BAMINCELE ukungena kwiTop 25 abangenele iTammy Taylor Mrs South Africa, okunguNkk Jo-Ann Barnwell, uDkt Nqobile Sithole noNkk Natisha Makka abathathwe eBallito izolo emkhankasw­eni wokunikele­la isikhwama sezintanda­ne

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa