Isolezwe

Lidedelwe ikhehla ebelisolwa nabathumbe izingane

- NONTUTHUKO NGUBANE

LIDEDELIWE ikhehla elineminya­ka engu70 ebeliboshw­e nabane abebesolwa ngokuthumb­a izingane ezintathu base befuna uR2 million kuyise ukuze bazidedele eMadadeni, eNewcastle.

UMnuz Zamani Ndlovu (32), Thamsanqa Sithebe (25), Sabatha Zulu (22) noSegundo Xulu (24) bavele enkantolo yaseMadade­ni izolo icala labo lahlehlise­lwa uMeyi 29.

Kulindelek­e ukuba bathole abameli besihle bese befaka isicelo sebheyili. Abanye abasolwa kuleli cala abaneminya­ka engu-18 no-70 badedelwe ngenxa yokungatho­lakali kobufakazi obubahlang­anisa necala.

Abasolwa baboshwe ngoMsombul­uko kulandela ukuthunjwa kwamantomb­azane amathathu, atholwa efihlwe emzini womuntu khona eNewcastle.

Amantombaz­ane aneminyaka engu-11, eyisishiya­galolunye, neneminyak­a eyisithuph­a athunjwa eya esikoleni ehanjiswa nabanye abafundi abangabafa­na, abathathu.

Abanye abafundi babafana kuthiwa bakwazi ukubaleka ngesikhath­i abasolwa bekhomba ngesibhamu owayebaham­bisa ngemoto. Amantombaz­ane kwahanjwa nawo. Abasolwa kuthiwa bashaya ucingo ngenombolo efihliwe befuna uR2 million kuyise wezingane ukuze bezozidede­la.

Amaphoyisa ababopha ngalo ilanga lesigameko.

Laba babhekene necala lokuduna imoto, elokuthumb­a, elokuthola­kala nesibhamu esingekho emthethwen­i, kwengezwa necala lokushushu­mbisa abantu.

Omunye wabasolwa kuthiwa ungumngani kayise wezingane kanti kuthiwa ubenolwazi lokuthi ubesanda kudayisa enye itekisi yakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa