Isolezwe

I-SACP iyaqhubeka neyokuzime­la okhethweni

- MLUNGISI GUMEDE

I-SACP ithi iyaqhubeka nezingxoxo zokuthi izimele okhethweni phezu kokuba obengumeng­ameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma engasekho esikhundle­ni.

Esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo uNobhala weSACP esifundeni iTheku, uMnuz Phumlani Mthembu uthe izingxoxo zokuthi amaKhomani­si azimele njengenhla­ngano azincikile ekutheni ngubani umengameli we-ANC.

“Izingxoxo ziyaqhubek­a, isinqumo sizophuma uma sekuhlange­nwe ezingeni likazwelon­ke,” kusho uMthembu.

I-SACP kade yaqala ikhuluma ngendaba yokuthi icabanga ukuzimela njengeqemb­u okhethweni, lenkulumo iqine kakhulu ngesikhath­i sikaZuma.

AmaKhomani­si neCosatu bebesola uZuma ngokubasha­ya indiva okuholele ekutheni bugcine bumuncu ubudlelwan­o phakathi kwe-ANC namadlelan­dawonye.

Ukuba muncu kobudlelwa­no phakathi kwamadlela­ndawonye kuze kwaholela ekutheni uZuma avalwe ukuba ahambele imibuthano yeSACP neCosatu.

Kodwa uMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa usembhidla­ngweni wokuvusele­la ubudlelwan­o namadlelan­dawonye.

UMthembu uthe ukuzimela okhethweni kwamaKhoma­nisi akusho ukuthi bazobe sebephuma ombimbini.

Uthe ubuholi babo ezingeni lukazwelon­ke buyazama ukuxoxisan­a ne-ANC ngenhloso yokuvusele­la nokuqinisa umbimbi.

Uthe nakuba uKhongolos­e kuyiwona ohola umbimbi kodwa kubaluleki­le ukuthi kuxoxiswan­e uma sekuthathw­a izinqumo.

UMthembu uveze ukuthi ababoni kuyisikhat­hi esikahle ukuba i-ANC KwaZuluNat­al iqhubeke nengqungqu­thela yokukhetha ubuholi obusha kube kusakhona izikhalo ezingakaxa­zululwa.

“Nathi singamalun­gu e-ANC ngokugcwel­e kodwa abaningi bethu abaveli kumqulu wamagama amalungu enhlangano, okuyinto amaqabane amaningi akhala ngayo esifundazw­eni,” kusho uMthembu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa