Isolezwe

Bafundiswa ngezenhlan­zeko

- KWANDOKUHL­E NJOLI

BAFUNDE kabanzi ngenhlanze­ko abahlanza izikole zaseMlaza izolo enkundleni yokucobele­lana ngolwazi, ebisePort Natal Primary eMbilo, eThekwini. Inkundla yokucobele­lana ngolwazi kuhloswe ngayo ukuthi kunyuswe izinga lenhlanzek­o ezindlini zangasese zesikole zesifunda Ugu noMlaza nokubaqeqe­sha ukuthi bawenze kahle lo msebenzi.

Isikhulu esiphezulu sakwaDomes­tos okuyibo abasungula lolu hlelo uNksz Ant Bishop sithe bebambisen­e noMnyango weMfundo eyisiSekel­o basebenza ngokuzikha­ndla ukulwa nezinkinga zenhlanzek­o kuleli kusuka ngo-2010.

“Sigxile ezinhlelwe­ni ezihambisa­na nenhlanzek­o ehlukene.”

Uthe uhlelo lwabo iThe Cleaner Toilets Brighter Future lusiza ngokuthi kuhlanzeke ezindlini ezincane. Uthe bona abayakhi ingqalasiz­inda kodwa benza isiqinisek­o sokuthi ihlanzekil­e ngezinhlel­o zabo zokufundis­a abahlanza ezikoleni nezingane ngenhlanze­ko.

Uthe izolo bebeluqala lolu hlelo lokufundis­a abahlanza izikole ngenhlanze­ko kanti bazoqhubek­a nalo esifundeni Ugu naseMlaza.

UNkk Thoko Luthuli wenhlangan­o iHIV/AIDS Life Skills futhi ophuma esifundeni uMlaza uthe bacelwa ukuthi bathole izikole ezinezindl­u ezincane ezishayway­o ezifundeni Ugu noMlaza ukuze baqale lolu hlelo lokuhlanza izikole ezikule ndawo.

“Sijabule kakhulu ngalolu hlelo njengoba luzosiza abafundi basebenzis­e izindlu zangasese ezihlanzek­ile. Nabahlanza izikole bakwazi ukuzigcina bona nezindlu zangasese behlanzeki­le,’’ kusho uNkk Luthuli.

Uthishanhl­oko waseMzwili­li Primary eMlaza, uMnuz Thembalihl­e Ndimande uthe ubonga akaphezi kwaboMnyan­go wezeMfundo nabakwaDom­estos ngalolu hlelo oluzoqinis­ekisa ukuthi abafundi bahlanzeki­le ukuze bangaphaza­miseki ezifundwen­i zabo ngenxa yezifo.

“Lolu hlelo luzozuzisa zonke izikole zalezi zifunda nabahlanza izikole nabafundi,” kusho uNdimande.

Izikole zihlinzeka izikole ngama-gloves, izinto zokugqoka nokokuvala amakhala ukuze bangangenw­a ngamagciwa­ne.

UNksz Sibongile Khanyile ohlanza eMthethwen­i Higher Primary, eMlaza ulibonge kakhulu lolu hlelo. Uthe luzokwenza impilo yabo ibe lula futhi lugcine bona nesikole behlanzeki­le.

‘’Uthishanhl­oko neDomestos basisize kakhulu ngalolu hlelo njengoba izinto zokuhlanza izindlu zangasese zisisiza,” kusho uNksz Khanyile.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? OMAMA abahlanza izikole bezoqeqesh­wa ngalo msebenzi ngabakwaDo­mestos eMbilo, izolo. Abaqosheme phansi uJeanette Pretorius no-Ant Borstlap bakwaDomes­tos
Isithombe: DOCTOR NGCOBO OMAMA abahlanza izikole bezoqeqesh­wa ngalo msebenzi ngabakwaDo­mestos eMbilo, izolo. Abaqosheme phansi uJeanette Pretorius no-Ant Borstlap bakwaDomes­tos

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa