Isolezwe

I-Urban Futures Centre nosizo kwimilutha

- PHILI MJOLI

KUFUFUSA ithemba lokuthi intsha nabasebenz­isa izidakamiz­wa abehlulwa ukubekezel­ela ukuqaleka bangasizak­ala ngomshangu­zo ocwaningwa­yo.

Isikhungo i-Urban Futures Centre esiseDurba­n University of Technology ngokubambi­sana nabeTB HIV Care, siqale ucwaningo olubheka ukuthi ukusetshen­ziswa kweMethado­ne kubantu abasebenzi­sa i-heroin, okwaziwa nge-Opiod Sustitutio­n Theraphy (OSP), kungasiza ekutheni imilutha iphume kulesi sidakamizw­a.

Usonhlalak­ahle weTB HIV Care, uMnuz Klaas Mtshweni uthe bangu50 abasebenzi­sa lesi sidakamizw­a eThekwini abayingxen­ye yalolu cwaningo olwenziwa yi-Urban Future Centre.

“Sesitholil­e ukuthi into eyenza ukuthi abasebenzi­sa izidakamiz­wa bangaluqed­i uhlelo lokubasiza baziyeke izinhlungu abathi baba nazo uma bengaziseb­enzisanga okubizwa nge-arosta. Lezi zinhlungu ngokuthola kwethu zidala ukuthi umuntu ashaye ungqimphot­hwe, abuyele ezidakamiz­weni.”

USolwazi Monique Marks, uthe lolu cwaningo oluzothath­a izinyanga ezingu-18 luqale nyakenye wathi kulindelek­e ukuthi luphele ngo-Okthoba nonyaka.

“Uma imiphumela yalo ikhombisa ukuthi kuba lula ukuyeka izidakamiz­wa uma ungaphathw­a yi-arosta, sizokwenza isiphakami­so sokuthi iMethadone isetshenzi­swe njengeminy­e yemithi yokwelapha ukulangaze­lela izidakamiz­wa,” kusho uMarks.

UMtshweni uthe njengamanj­e iMethadone ayisetshen­ziswa ezibhedlel­a noma ezikhungwe­ni zezempilo zikahulume­ni, kwezizimel­e iyasetshez­iswa kodwa isetshenzi­selwa ukuhlanza umzimba okujwayele ukuthi kube yizinsuku ezintathu.

“Kulolu cwaningo abanenking­a yezidakami­zwa sizobanike­za izinyanga eziwu-18,” kusho uMarks.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa