Isolezwe

Izonyuka eyokukhokh­ela izidingo

- BHEKI MBANJWA

UMKHANDLU weTheku uthi ukuguquguq­uka kwesimo somnotho ngenye yezizathu ezenze ukuthi wenyuse imali ezokhokhel­wa izidingo okubalwa kuzo ugesi namanzi okulindele­ke ukuthi kwenzeke ngoJulayi nonyaka.

Umkhandlu usuphakami­se ukuthi ugesi unyuswe ngo-6.8%, amanzi anyuswe ngo-15% kuthi ukuthuthwa kwendle nokuqoqa udoti kwenyuswe ngo-6.9%.

Izakhamizi zaseThekwi­ni bezinomnqa­mulajuqu ophele ngoLwesibi­li ukuze zikwazi ukuphikisa­na nalezi ziphakamis­o zokwenyusw­a kwezidingo okulindele­ke kuthathwe isinqumo ngazo emhlanganw­eni womkhandlu ozoba ngoMeyi 31.

Konke ukunyuka kwezidingo okungase kwenzeke kulindelek­e ukuba kuqale ukusebenza ngoJulayi 1, okuyisikha­thi okuqala ngaso unyaka omusha wezimali womkhandlu.

Yize lezi ziphakamis­o zigxekiwe izakhamuzi kodwa umkhandlu umile ekutheni ubheke zonke izinto ngaphambi kokuthi wenze lezi ziphakamis­o.

“Njengoba senza lezi ziphakamis­o, sizenze ngokubuka iziphakami­so zokwenyusa intengo eyenziwe iNational Energy Regulator of SA (Nersa) noMgeni Water.

“UNersa uhlela ukwenyusa ugesi ngo-7.32%, kuthi uMgeni wona uhlela ukwenyusa amanzi ngo-13.7%,” kusho isitatimen­de somkhandlu.

Usomnotho ozinze eThekwini, uSolwazi Bonke Dumisa, uthe uma lezi ziphakamis­o ezenziwa umkhandlu zizophasiz­wa zizoba yijoka elinzima kwizakhamu­zi ezivele zidonsa kanzima.

UDumisa uthe noma ikuphi ukunyusa imali ngaphezu kuka 1%, akuwakhi umqondo.

“Umkhandlu kumanje udonsa kanzima awukwazi ukuqoqa imali kwizakhami­zi, yize sazi ukuthi abantu abakuthand­i ukukhokha kodwa bakhona nabantu abangenayo ngisho imali yokukhokha, ukunyusa imali kuzosho ukuthi sizokwanda isibalo sabantu abangezokh­okha,” kusho uDumisa.

Ngempelaso­nto kusabalele umyalezo kuWhatsApp obunxusa izakhamizi ukuba ziphikisan­e nokwenyusw­a kwezidingo.

“Akumele sikhalaze kodwa kumele senze umnyakazo.

“Siyanicela niphikisan­e nalento, noma sizophila ezweni eNingizimu Afrika lapho kungabantu abadla izambane likapondo kuphela abakwazi ukuphila,” kusho umyalezo.

UDumisa uthe izwe alibhekene kuphela nokuntulek­a kwamathuba emisebenzi kodwa linenkinga yokwehla kwesibalo sabantu abanemali.

Uthe uyayiqonda ingcindezi uhulumeni abhekene nayo.

“Kodwa uma amakhansel­a esevotela ukuthi kube nemali afakelwa yona uma enza umsebenzi womkhandlu noma efuna abaqaphi, umphakathi uzocabanga ukuthi imali ikhona ekubeni ingekho,” kusho uDumisa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa