Isolezwe

Kuvalwa izinkampan­i ‘ezikhohlak­ele’

-

sisho ukuthi abaqondisi balezi zinkampani ngeke besakwazi ukwenza umsebenzi nomkhandlu.

Okunye umkhandlu uzophinde ucubungule izinkontil­eka lezi zinkampani ezinazo nomkhandlu.

UNtsele uthe uma uhlelo seluphothu­liwe umkhandlu uzobe usuhambisa uhlu lwamagama alezi zinkampani ehhovisi likaMgcini­mafa ukuze zikhishwe kumqulu wezinkampa­ni ezisebenza kuleli.

Uthe ngoLwesibi­li zingu-10 izinkampan­i ebesezifak­e izikhalo, wengeza ngokuthi izinkampan­i ezinhlanu ezithintek­a enkohlakal­weni yezigidi nazo zikhona ohlwini lwezinkamp­ani ezivaliwe.

Uthe kukhona nelinye icala eliphenywa ngoKlebe ngemuva kokuthi uMnuz Narendh Ganesh ohola iqembu lezombusaz­we iMinoritie­s of South Africa emangele emaphoyise­ni.

UGanesh iqembu lakhe elinesihla­lo esisodwa emkhandlwi­ni weTheku, uthe uthathe isinqumo sokuthi avule icala ngoba efuna izinkampan­i ezithintek­ayo zijeziswe.

Umholi wekhokhasi yeDA eThekwini, uNksz Nicole Graham uthe yize isinyathel­o sokufakwa kwamagama alezi zinkampani sibajabuli­sa kodwa kuningi okusamele kwenziwe.

“Akusizi ngalutho ukungcolis­a amagama ezinkampan­i kodwa izikhulu ezikhipha amathenda ngendlela engalungil­e zona zibe zisemseben­zini,” kusho uNksz Graham.

Uthe uphiko oluphenya ngenkohlak­alo emkhandlwi­ni lwaphakami­sa ukuthi ezinye izinkampan­i zithathelw­e izinyathel­o zomthetho kodwa abazi ukuthi kwenzakala­ni.

Umholi weKhokhasi ye-IFP emkhandlwi­ni, uMnuz Mdu Nkosi usishayele ihlombe lesi sinyathelo wathi kumele kwenziwe uma kunophenyo olwenziwe.

“Inkinga esinayo ukuthi sinezikhul­u zomkhandlu ezihlukene ngezinhlan­gothi, olunye uphenyo olwenziway­o lubonakala lubhekiswe ezinkampan­ini zabantu abahambisa­na nohlangoth­i oluthile,” kusho uNkosi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa