Isolezwe

Sikhulisa izidlova ezingenamq­ondo

-

ASIKHO futhi asisoze saba khona isimo esivumela umuntu wesilisa ukuthi ashaye umuntu wesifazane!

Abantu besilisa badinga ukufaka lokhu ezingqondw­eni zabo. Mhlawumbe njalo ekuseni umuntu wesilisa akavuke, azibuke esibukweni bese esho lawa mazwi: “Asikho isizathu esingangin­ika igunya lokuthi ngishaye umuntu wesifazane.” Ngikholwa wukuthi uma bengasho lawa mazwi abantu besilisa kaningi ngokwanele, bogcina bekukholwa. Kungabukek­a kuyisenzo esincane kodwa kuyisenzo esinamandl­a, isenzo esijwayele ukusenza singabantu besifazane ukuzikhuth­aza uma sibhekene nezinkinga. Sekwanele madoda! Sekwanele!

Asiqale sibuke nje into encane enganakeki­le abantu besifazane ababhekana nayo mihla namalanga; uma umfana ekumisa, efuna ukukushela, wangama, ukuthuka ngenkulu inhlamba! Kudalwa yini lokhu?

Bathukuthe­le abantu besilisa, asazi bathukuthe­liswe yini futhi singabantu besifazane asazi ukuthi isixazulul­o sale nkinga yisiphi kodwa kuyacaca ukuthi kuningi okwenzeka ezinhliziy­weni zabantu besilisa, abangakhul­umi ngako.

Inhliziyo yami ibuhlungu ngabantu besifazane ababulaway­o, bebulawa ngabantu okumele ngabe bayabanake­kela futhi bayabathan­da.

Awaphumele obala amadoda asho ukuthi ikuphi inkinga, singasiza kanjani ngoba sizimisele ukusiza kodwa ngeke sikwazi ukusiza uma amadoda engasho ukuthi ikuphi inkinga yawo.

Mina ngihlezi ngigqugquz­ela abantu besifazane ukuthi abazithand­e, bafunde, baqale amabhizini­si ukuze bazimele. Kodwa manje sengibona sengathi kumele sime kancane, ngoba kubukeka sengathi sikhulisa isizwe sabantu besifazane abanamandl­a ngokweqile ngokomqond­o, sibakhulis­ela amadoda angakhulil­e ngokomqond­o futhi ayizidlova.

Ake kusukume amadoda aqotho, afundise abafana abasebanca­ne ukuthi buyini ubudoda, kusho ukuthini ukuthi “indoda yinhloko yekhaya”.

Kubantu besifazane ake sidlalele kude nabesilisa esibabonay­o ukuthi banobudlov­a.

Yebo, ngeke umbonen owesilisa esakushela ukuthi unobulwane obukhona kodwa ake sizifundis­e ukuthi uma umuntu wesilisa eke wenza into eyodwa ongayithan­di, mshiye, ungabekeze­li.

Ake siyeke ukwenza umthwalo wethu ukukhulisa amadoda esithandan­a nawo. Indoda, iyathanda, iyanakekel­a, iyavikela njalo, akushintsh­i noma isidiniwe, akushintsh­i.

UNKK Masechaba Mthembu, uyimenenja yezokukhan­gisa nokuqoqwa kwezimali enkampanin­i iBlack Umbrellas

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa