Usaba ukuhlaselwa umndeni ‘wowabulawa’ yisoka
UMNDENI wowesifazane waseNorthdale, eMgungundlovu, okuthiwa wadutshulwa yisoka ebeliyiphoyisa eGreytown abeselishiyile ngoba emhlukumeza, uthole ingonyuluka yokuhlukumezeka kwakhe kwabekubhala zinsuku zonke kwi-diary yakhe.
UNksz Wendy Dlamini (29) watholwa ebulewe ngo-Ephreli 15 nonyaka emuva kokulandwa yisoka kubo.
UConstable Sipho Chonco (32) waboshwa emuva kokutholakala kwegazi likamufi emotweni yakhe.
Bekumele bashade ngenyanga ezayo.
Kulindeleke kuphume isinqumo ngesicelo sebheyili yomsolwa namuhla.
Isolezwe likhulume noninalume kamufi uMnuz Meshack Dlamini othe bayesaba ngoba abazi ukuthi umsolwa uzoyithola yini ibheyili.
“Sisaba ukuthi singahlaselwa abantu abangathunywa umsolwa. Sisaba nokuthi kungenzeka athole ibheyili. Uma enikwa ibheyili kungenzeka azosihlasela nezingane zikamufi,” kusho uDlamini.
Umsolwa kuthiwa wayesabisa amalungu omndeni ngokuwahlasela uma engabuyelani nomufi.
Umndeni uthe umsolwa ubehlala ngokumshaya kanti baphuza ukuthola ngokuhlukumezeka.
“Okuningi ngokuhlukumezeka kukamufi sakuthola eseshonile ngoba ubebhala ebhukwini lakhe nsuku zonke. Ubengasitsheli ngokwenzeka ebudlelwaneni babo. Kwabonakala ngoba eshayeke ehlweni kwase kungenelela amanye amalungu omndeni. Kusimangazile uma sekufundwa ayekubhala ukuthi wayemjaha ngesibhamu emshaya isikhathi esiningi,” kusho uDlamini.
Umufi washiya ingane yabo enezinyanga ezingu-10.
Ngelanga abulawa ngalo, umsolwa kuthiwa washaya ucingo , wafika ekuseni ngeSonto kubo. Umufi waphuma egqoke izimpahla zokulala eyokhuluma naye emotweni. Washaya wachitha naye. Emuva kwesikhashana umsolwa kuthiwa wathinta umngani wakhe emtshela ukuthi akaxhumane nomndeni kamufi abatshele ukuthi isidumbu sikamufi bazosithola ehlathini khona eNorthdale.
UNksz Dlamini ubenezingane ezintathu, ezimbili ezingabafana ebezingazalwa wumsolwa, eneminyaka engu-10 neneminyaka emihlanu. Izingane zakhe ezindala bezihlala kwaDlamini, encane ihlala kubo kamsolwa.
“Ngesikhathi esanda kubeletha, enezinyanga ezintathu wamshaya wamqhumisa umthungo,” kusho uDlamini.
Umufi kuthiwa wadutshulwa amanxeba amathathu, amabili ekhanda nelilodwa esifubeni.
Isolezwe lihlela umkhuleko ozoba eThekwini Community Church (ECC), okuhloswe ngawo ukukhulekela ukuphepha kwabesifazane njengoba zanda izigameko zokuhlaselwa abathandana nabo. Umkhuleko uzoba ngoMeyi 31 ngo-10 ekuseni.