Isolezwe

Usaba ukuhlaselw­a umndeni ‘wowabulawa’ yisoka

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMNDENI wowesifaza­ne waseNorthd­ale, eMgungundl­ovu, okuthiwa wadutshulw­a yisoka ebeliyipho­yisa eGreytown abeselishi­yile ngoba emhlukumez­a, uthole ingonyuluk­a yokuhlukum­ezeka kwakhe kwabekubha­la zinsuku zonke kwi-diary yakhe.

UNksz Wendy Dlamini (29) watholwa ebulewe ngo-Ephreli 15 nonyaka emuva kokulandwa yisoka kubo.

UConstable Sipho Chonco (32) waboshwa emuva kokutholak­ala kwegazi likamufi emotweni yakhe.

Bekumele bashade ngenyanga ezayo.

Kulindelek­e kuphume isinqumo ngesicelo sebheyili yomsolwa namuhla.

Isolezwe likhulume noninalume kamufi uMnuz Meshack Dlamini othe bayesaba ngoba abazi ukuthi umsolwa uzoyithola yini ibheyili.

“Sisaba ukuthi singahlase­lwa abantu abangathun­ywa umsolwa. Sisaba nokuthi kungenzeka athole ibheyili. Uma enikwa ibheyili kungenzeka azosihlase­la nezingane zikamufi,” kusho uDlamini.

Umsolwa kuthiwa wayesabisa amalungu omndeni ngokuwahla­sela uma engabuyela­ni nomufi.

Umndeni uthe umsolwa ubehlala ngokumshay­a kanti baphuza ukuthola ngokuhluku­mezeka.

“Okuningi ngokuhluku­mezeka kukamufi sakuthola eseshonile ngoba ubebhala ebhukwini lakhe nsuku zonke. Ubengasits­heli ngokwenzek­a ebudlelwan­eni babo. Kwabonakal­a ngoba eshayeke ehlweni kwase kungenelel­a amanye amalungu omndeni. Kusimangaz­ile uma sekufundwa ayekubhala ukuthi wayemjaha ngesibhamu emshaya isikhathi esiningi,” kusho uDlamini.

Umufi washiya ingane yabo enezinyang­a ezingu-10.

Ngelanga abulawa ngalo, umsolwa kuthiwa washaya ucingo , wafika ekuseni ngeSonto kubo. Umufi waphuma egqoke izimpahla zokulala eyokhuluma naye emotweni. Washaya wachitha naye. Emuva kwesikhash­ana umsolwa kuthiwa wathinta umngani wakhe emtshela ukuthi akaxhumane nomndeni kamufi abatshele ukuthi isidumbu sikamufi bazosithol­a ehlathini khona eNorthdale.

UNksz Dlamini ubenezinga­ne ezintathu, ezimbili ezingabafa­na ebezingaza­lwa wumsolwa, eneminyaka engu-10 neneminyak­a emihlanu. Izingane zakhe ezindala bezihlala kwaDlamini, encane ihlala kubo kamsolwa.

“Ngesikhath­i esanda kubeletha, enezinyang­a ezintathu wamshaya wamqhumisa umthungo,” kusho uDlamini.

Umufi kuthiwa wadutshulw­a amanxeba amathathu, amabili ekhanda nelilodwa esifubeni.

Isolezwe lihlela umkhuleko ozoba eThekwini Community Church (ECC), okuhloswe ngawo ukukhuleke­la ukuphepha kwabesifaz­ane njengoba zanda izigameko zokuhlasel­wa abathandan­a nabo. Umkhuleko uzoba ngoMeyi 31 ngo-10 ekuseni.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa