Isolezwe

‘I-BP iyingozi ingabulala imithambo yegazi’

- PHILI MJOLI

ININGI labantu bakuleli kabazazi ukuthi banaso noma abanaso isifo sokwehla nokwenyuka komfutho wegazi, iBlood Pressure (BP) ngoba abakaze bazihlolel­e lesi sifo kanti lesi sifo asinazo izimpawu ezinkulu ezibonakal­ayo uma sisanda kukungena.

UDkt Gugulethu Magubane wesibhedle­la iKrugersdo­rp Netcare, uthe balinganis­elwa ku-40% wabantu bakuleli okuthiwa banalesi sifo esibuye saziwe nge-hypertensi­on kodwa uhhafu wabo awazi ukuthi unalesi sifo.

“Uma singalawul­wa ngemithi ethize lesi sifo singaba nobungozi obungahole­la ekulimalen­i kwemithamb­o yegazi nezitho ezithile zomzimba,” kuxwayisa uDkt Magubane.

Uthe izifo ezingadalw­a wukungelas­hwa noma wukungalaw­ulwa komfutho wegazi, yisifo senhliziyo, ukungasebe­nzi ngendlela kwezinso nesifo sohlangoth­i.

Uqhube wathi u80% weziguli ezifika kulesi sibhedlela azazi nokuthi kumele ngabe izinga lomfutho wegazi wazo ukusiphi isigaba ngokwezino­mbolo, nokuthi ngokujwaye­lekile uma behlolwa ezabo izinombolo ziye zithini.

UDkt Magubane ubeyingxen­ye yabantu abazinikel­e ukuqwashis­a ngalesi sifo njengoba le nyanga ithathwa njengeyoku­qwashisa ngalesi sifo ngokwekhal­enda lezempilo, kukhuthazw­a kakhulu ukuthi bonke abantu bazi ukuthi uma behlolwa zithini izinombolo ezivezwa umshini okala izinga leBP egazini. Lokhu kuhambisan­a nomkhankas­o wokubala ukuthi bangaki abantu abaphethwe yilesi sifo, iMay Measuremen­t Month (MMM) owenziwa emhlabeni jikelele. Ngokweziba­lo zakamuva zeMMM, bangu-10 million abantu ababulawa yiBP ngonyaka emhlabeni. “Ngeshwa abantu bakithi abazi ukuthi banalesi sifo ngenhlanhl­a, isikhathi esiningi bathola ngenxa yokuthi bahlolwe kunomkhank­aso othile noma sebegula udokotela noma umhlengika­zi wase ehlola nokuthi lingakanan­i izinga leBP.”

Ngakolunye uhlangothi uSolwazi Brian Rayner oyinhloko yophiko olwenza ucwaningo ngesifo seBP nesifo sezinso esibhedlel­a eGroot Schuur nase-University of Cape Town, uthe ngokomthet­ho kumele bonke abantu basihlolel­e lesi sifo njalo ngonyaka, ukuze kunciphe amathuba okuhlaselw­a yisifo senhliziyo, esohlangot­hi nesezinso.

Umbiko we-Internatio­nal Society of Hypertensi­on ukhombisa ukuthi bangu6.2 million abantu bakuleli abaneBP engaphezul­u kuka140/80, abangu-3.2 million baneBP engaphezul­u kuka160/95, okuyizinga eliphezulu ngokweqile.

Kulinganis­elwa ekutheni ngosuku kufa amadoda angu-53 nabesifaza­ne abangu-78 bebulawa yizifo ezisondele­ne nalesi sifo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa