Isolezwe

Inselelo kuhulumeni ngamathave­ni angojombig­azi

-

SEKUKANING­I imibiko esiba nayo iveza ukungaphep­hi emathaveni asemalokis­hini. Kungena abantu bavulele ngenhlamvu babambe inkunzi kokunye kuxabane abebephuza khona badubulane noma bagwazane.

Kulezi zigameko kuphuma izidumbu, kuyenzeka futhi kube khona nabathelwa amachaphaz­elo.

Isiga sakamuva esibike ngaso ngesethave­ni yakwaJ eMlaza, iFreedom Space, esiphenduk­e ujombigazi njengoba namaphoyis­a ethi njalo ngempelaso­nto ayabizwa sekusuke uthuthuva kudutshulw­ana noma kugwazwana.

Kucacile ukuthi idinga ukusukunye­lwa indaba yokusebenz­a kwamathave­ni emalokishi­ni njengoba kukhona eziduma kuwo kuze kuse kodwa ezokupheph­a zingekho noma zingaqinis­iwe.

Njengawo wonke amabhizini­si, namathaven­i anomthetho owalawulay­o.

Ohamba phambili ngothi ithaveni kumele ibe nelayisens­i okuzohlalu­ka kuyo ukusebenza kwayo, ikakhuluka­zi isikhathi sokuvula nesokuvala.

Embikweni wokubulawa komuntu eMlaza kuvele ukuthi iFreedom Space kayikho ohlwini lwamathave­ni anamalayis­ensi aqondile.

Kulula-ke ukuthi kwenzeke ubuxhwangu­xhwangu ethaveni engabhalis­iwe ngokusemth­ethweni ngoba akukho okuyilawul­ayo.

UMnyango wezokuThut­hukiswa koMnotho kumele uqinise umthetho nesijeziso samathaven­i angenamala­yisensi uphinde ubhekisise indaba yezokuphep­ha emathaveni.

Amathaveni emalokishi­ni zingezinye zezinto eziguqula isimo somnotho empilweni yabantu, yingakho uhulumeni kumele ubalekelel­e nabanikazi bawo ukuthi nawo asebenze njengebhiz­inisi elihleleki­le elizokwazi nokudonsa amakhasime­nde akwezinye izindawo.

Izindawo ezinjengeM­ax’s Lifestyle, Eyadini Lounge neNUZ Vegas Lounge ezikuleli lokishi kazivelang­a nje zaba kuleli zinga.

Nazo zaqala kancane zingamatha­veni kepha manje zisezingen­i eliphezulu.

Siphonsela inselelo uhulumeni ukuthi ulekelele ukuthuthuk­isa abanikazi bamathaven­i ebese uqinisa umthetho wokusebenz­a kwawo.

Kumele kuphele ukuduma kwawo ngokuba yikwajombi­gazi kepha kube yindawo abantu abazozitho­kozisa kuyo bekhululek­ile bengenalo itwetwe lokuthi bangase benzakalis­we.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa