Ngihlukunyezwa wumkami nonina bawoMaMgobhozi
EZOTHANDO
UMBUZO: Ngingowesilisa oneminyaka emithathu eganiwe. Ngihlukumezeke ngiphelile wunkosikazi nomkhwekazi wami. Izindaba zalapha ekhaya zaziwa umama wakhe njengoba zinjalo. Uyafika noma inini uma ethandile la ekhaya, ngisho mina ngingazi lutho ngokufika kwakhe. Ngimane ngibone ngaye ukuthi usefikile. Isikhathi esiningi ngiye ngizizwe ngiyisivakashi emzini wami.
Izindleko zethu zenyanga zocingo zingaphezu kwamandla ethu ukukhuluma nomama wakhe. Ngithi noma ngizama ukulungisa lolu daba ngizibonele ngawami ukuthi akukho la siya khona. Ngelinye ilanga ngazama ukukhuluma nomama wakhe, wamane ‘wangidonsela amafayela’ omuzi wami engitshela ngendlela engeyinhle engiphatha ngayo indodakazi yakhe futhi ebala izigameko. Ngikhungatheke ngiphelile ngoba angiziboni nginonkosikazi, nothando alusekho nje. Igama Ligodliwe e-Adams Impendulo: Siyazwelana nesimo obhekene naso bhuti, ikakhulukazi njengoba sizwa ukuthi uhlukumezekile emphefumulweni. Iqiniso elingeke liphikwe muntu ukuthi izindaba zenu, njengendoda nenkosikazi, azifanelwe ukuphumela ngaphandle kwamagceke enu singekho isivumelwano phakathi kwenu. Ukwenzeka kwalokhu kukhombisa indelelo komunye nokungawuhloniphi umshado wenu. Umkhwekazi wakho kudingeka abe umuntu omdala kinina nobabili akhule nangokomqondo. Kunemingcele emshadweni angafanele ukuweqa njengomzali. Ngoba usuzamile ukukhuluma nomkhwekazi, sicebisa ukuthi ubikele abakini ngezinhloso zokuzama ukubiza umhlangano nabakubo kankosikazi wakho. Akukuhle ukuphila kwakho ngathi usemzini. Awukho umshado nokubambisana lapho. Umbuzo: Ngingowesifazane oneminyaka engu-36, nginomyeni okuneminyaka emihlanu elobolile. Onyakeni wokuqala ngihlala kubo ngathola ukuthi nginegciwane lengculazi. Kwahamba ngathola ukuthi ngithelelwe nguyena, ngazama ukumbuza wangafuna ukuvuma. Lokho kwangenza ngaphelelwa wuthando lwakhe. Kangangokuthi noma ngithi ngiyazenzisa ngiyahluleka. Anginayo nhlobo imizwa yakhe kodwa angiboni kuzongisiza ukumshiya ngoba ngizothola omunye okuyomele ngilokhu ngichaza isimo sami. Ngakhetha ukuhlala naye nginjalo ngenhloso yokumjezisa ngakwenze kimina. Inkinga akanandaba futhi akabuzwa ubuhlungu engifisa abuzwe. Igama Ligodliwe eBergville Impendulo: Zaze zabuhlungu izindaba. Kukabili, kungenzeka ukuthi umuntu wakho ukuthelele azi ukuthi wenzani, kuyenzeka futhi abathandanayo bathelelane bengazi ukuthi omunye wabo unegciwane. Okubalulekile wukuthi nibambane ngesandla niye phambili.
Siyazi ukuthi akulula ukwamukela izindaba ezinjengalezi. Sibona kukuhle ukwehlisa umoya, ke nibonisane kahle ngalo ludaba. Kungenzeka ukuthi naye ngempela ubengazazi ukuthi unegciwane lengculazi okuchaza ukungafuni ukukhuluma kwakhe mhla umazisa ngesimo.
Kuyicala ukuthelela umuntu ngesifo esingelapheki wazi, uma ukwazi ukuletha ubufakazi bokuthi ubazi. Ukuba negciwane lengculazi akukhona-ke ukuphela kwempilo.
Okubalulekile wukuthi nizivikele ukuze ningasibhebhethekisi isifo, bese nithatha imishanguzo. Ngakho kubalulekile ukuthi nithole ukwelulekwa ukuze nikwazi ukuthola izimpendulo zayo yonke imibuzo ukuze nikwazi ukuqhubeka nempilo yenu. Ukumzwisa ubuhlungu ngeke kusize njengamanje. Umbuzo: Ngingowesilisa oneminyaka eyisithupha esothandweni nowesifazane. Sengalobola ngaqeda futhi sihlala njengabashadile noma singenazo izincwadi ezikhombisa umshado. Seluthanda ukuphela kodwa uthando ngenxa yokungazifuni kwakhe izingane zami. Umama wazo sewashona kodwa yena ezakhe ufuna ngizinakekele ngakho konke. Ngicela ningibonise ngiyahluleka. Okhathazekile eSiyanda. Impendulo: Lo wesifazane akazi ngempela ukuthi ufunani empilweni. Okokuqala nje nomama wengane akasekho emhlabeni. Yini ngempela ayilwelayo? Impela udinga ukukhula ngokomqondo. Akuyona into enhle le ngempela. Kubalulekile ukwazi ukuthi uma ungena emshadweni awushadi nje umyeni noma unkosikazi wakho kuphela kodwa ushada konke eza nakho okuhlanganisa nezingane zangaphandle. Sinovalo lokuthi lo wesifazane ukhombisa izimpawu ezinjengalezi ningakayi kude phambili. Izingane zakho ziyingxenye yempilo yakho yonke. Uma efuna ikusasa nawe kuzomele ashintshe indlela yokwenza ngale kwalokho nizoba nezinkinga ngokuhamba kwesikhathi.
Xhumana nathi ku: Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo_Phindi Email: info@moandphindi.
com