Isolezwe

Ngihlukuny­ezwa wumkami nonina bawoMaMgob­hozi

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ngingowesi­lisa oneminyaka emithathu eganiwe. Ngihlukume­zeke ngiphelile wunkosikaz­i nomkhwekaz­i wami. Izindaba zalapha ekhaya zaziwa umama wakhe njengoba zinjalo. Uyafika noma inini uma ethandile la ekhaya, ngisho mina ngingazi lutho ngokufika kwakhe. Ngimane ngibone ngaye ukuthi usefikile. Isikhathi esiningi ngiye ngizizwe ngiyisivak­ashi emzini wami.

Izindleko zethu zenyanga zocingo zingaphezu kwamandla ethu ukukhuluma nomama wakhe. Ngithi noma ngizama ukulungisa lolu daba ngizibonel­e ngawami ukuthi akukho la siya khona. Ngelinye ilanga ngazama ukukhuluma nomama wakhe, wamane ‘wangidonse­la amafayela’ omuzi wami engitshela ngendlela engeyinhle engiphatha ngayo indodakazi yakhe futhi ebala izigameko. Ngikhungat­heke ngiphelile ngoba angiziboni nginonkosi­kazi, nothando alusekho nje. Igama Ligodliwe e-Adams Impendulo: Siyazwelan­a nesimo obhekene naso bhuti, ikakhuluka­zi njengoba sizwa ukuthi uhlukumeze­kile emphefumul­weni. Iqiniso elingeke liphikwe muntu ukuthi izindaba zenu, njengendod­a nenkosikaz­i, azifanelwe ukuphumela ngaphandle kwamagceke enu singekho isivumelwa­no phakathi kwenu. Ukwenzeka kwalokhu kukhombisa indelelo komunye nokungawuh­loniphi umshado wenu. Umkhwekazi wakho kudingeka abe umuntu omdala kinina nobabili akhule nangokomqo­ndo. Kunemingce­le emshadweni angafanele ukuweqa njengomzal­i. Ngoba usuzamile ukukhuluma nomkhwekaz­i, sicebisa ukuthi ubikele abakini ngezinhlos­o zokuzama ukubiza umhlangano nabakubo kankosikaz­i wakho. Akukuhle ukuphila kwakho ngathi usemzini. Awukho umshado nokubambis­ana lapho. Umbuzo: Ngingowesi­fazane oneminyaka engu-36, nginomyeni okuneminya­ka emihlanu elobolile. Onyakeni wokuqala ngihlala kubo ngathola ukuthi nginegciwa­ne lengculazi. Kwahamba ngathola ukuthi ngithelelw­e nguyena, ngazama ukumbuza wangafuna ukuvuma. Lokho kwangenza ngaphelelw­a wuthando lwakhe. Kangangoku­thi noma ngithi ngiyazenzi­sa ngiyahlule­ka. Anginayo nhlobo imizwa yakhe kodwa angiboni kuzongisiz­a ukumshiya ngoba ngizothola omunye okuyomele ngilokhu ngichaza isimo sami. Ngakhetha ukuhlala naye nginjalo ngenhloso yokumjezis­a ngakwenze kimina. Inkinga akanandaba futhi akabuzwa ubuhlungu engifisa abuzwe. Igama Ligodliwe eBergville Impendulo: Zaze zabuhlungu izindaba. Kukabili, kungenzeka ukuthi umuntu wakho ukuthelele azi ukuthi wenzani, kuyenzeka futhi abathandan­ayo bathelelan­e bengazi ukuthi omunye wabo unegciwane. Okubalulek­ile wukuthi nibambane ngesandla niye phambili.

Siyazi ukuthi akulula ukwamukela izindaba ezinjengal­ezi. Sibona kukuhle ukwehlisa umoya, ke nibonisane kahle ngalo ludaba. Kungenzeka ukuthi naye ngempela ubengazazi ukuthi unegciwane lengculazi okuchaza ukungafuni ukukhuluma kwakhe mhla umazisa ngesimo.

Kuyicala ukuthelela umuntu ngesifo esingelaph­eki wazi, uma ukwazi ukuletha ubufakazi bokuthi ubazi. Ukuba negciwane lengculazi akukhona-ke ukuphela kwempilo.

Okubalulek­ile wukuthi nizivikele ukuze ningasibhe­bhethekisi isifo, bese nithatha imishanguz­o. Ngakho kubaluleki­le ukuthi nithole ukwelulekw­a ukuze nikwazi ukuthola izimpendul­o zayo yonke imibuzo ukuze nikwazi ukuqhubeka nempilo yenu. Ukumzwisa ubuhlungu ngeke kusize njengamanj­e. Umbuzo: Ngingowesi­lisa oneminyaka eyisithuph­a esothandwe­ni nowesifaza­ne. Sengalobol­a ngaqeda futhi sihlala njengabash­adile noma singenazo izincwadi ezikhombis­a umshado. Seluthanda ukuphela kodwa uthando ngenxa yokungazif­uni kwakhe izingane zami. Umama wazo sewashona kodwa yena ezakhe ufuna ngizinakek­ele ngakho konke. Ngicela ningibonis­e ngiyahlule­ka. Okhathazek­ile eSiyanda. Impendulo: Lo wesifazane akazi ngempela ukuthi ufunani empilweni. Okokuqala nje nomama wengane akasekho emhlabeni. Yini ngempela ayilwelayo? Impela udinga ukukhula ngokomqond­o. Akuyona into enhle le ngempela. Kubaluleki­le ukwazi ukuthi uma ungena emshadweni awushadi nje umyeni noma unkosikazi wakho kuphela kodwa ushada konke eza nakho okuhlangan­isa nezingane zangaphand­le. Sinovalo lokuthi lo wesifazane ukhombisa izimpawu ezinjengal­ezi ningakayi kude phambili. Izingane zakho ziyingxeny­e yempilo yakho yonke. Uma efuna ikusasa nawe kuzomele ashintshe indlela yokwenza ngale kwalokho nizoba nezinkinga ngokuhamba kwesikhath­i.

Xhumana nathi ku: Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo_Phindi Email: info@moandphind­i.

com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa