Isolezwe

Ohlele ukubulala yini engagwetsh­wa intambo?

-

MHLELI; Ngithi ake ngisike elijikayo ngokuseben­za komthetho kuleli. Nobaba uMandela waze washona engaphumel­i obala ngesigwebo sentambo. Kuthiwa lesi sigwebo asihambisa­ni nesikhathi.

Nakhu okufanele sikubheke njengezwe.

Bangaki abantu abafa bengenacal­a maqede ababulali bathole ushwele?

Kuthatha isikhathi esingakana­ni ukuqoqa ubufakazi obuphelele?

Ezobunhlol­i, abaseshi nabashushi­si baqeqeshek­e ngokwanele nje?

Amandla anikezwe ezokupheph­a kwezwe enele yini? Lokhu kuhlangani­sa ukuseshwa komuntu ngaphandle kwemibande­la.

Izigameko eziningi zikubeka kucace ukuthi umuntu umane athathe isibhamu ayodubula abantu kuthiwe abukho ubufakazi. Noma bukhona ngeke agwetshwa intambo.

Abahlasela izimoto zemali basuke behlelile.

Ababulala osomatekis­i, osopolitik­i nabanye abathengwa­yo basuke behlelile. Pho bukuphi ubuqaba nobudlova uma kugwetshwa umuntu onjalo?

Umuntu ophula umthetho womgwaqo bese kufa abantu usuke azi ukuthi kuzofa abantu. Pho likuphi iphutha lapho?

Umuntu owehla enyuka nesibhamu sokwebiwa usithathep­hi futhi usisaphi? Nalokho kuyiphutha?

Mina ngibona kufanele isigwebo singashesh­i sikhishwe kodwa sicutshung­ulwe ngokwanele ze simfanele ogwetshway­o. Umuntu ohlelile ukulimaza nokubulala kungani engagwetsh­wa intambo? Zingakanan­i izimali zesizwe ezimoshwa ngala macala zondla abenzi bokubi bekwenza ngenhloso? Uhulumeni akacabange abuyisele lolu daba kubantu. Ngangabant­u EMLAZA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa