Isolezwe

Uzofundisa abesimame ngokupheka

- ZANELE MTHETHWA

UZOFUNDISA abesifazan­e izindlela ezahlukene zokupheka i-rice umpheki osebenza kwaSpekko, ozobe eyingxenye yomcimbi weSolezwe obizwa ngeNtandok­azi.

UNksz Siwe Hlophe ongungoti kwezokuphe­ka, uzohlomisa abesifazan­e kulo mcimbi ozoba ngoJuni 23 e-Olive Convention Centre eThekwini. Yize sebebaning­i abafundisa ukupheka nasezinkun­dleni zokuxhuman­a, uNksz Hlophe uthembisa okusha kwabesifaz­ane abazothame­la lo mcimbi. Utshele iphephanda­ba ukuthi njengoba esebenzela inkampani eyaziwa ngomkhiqiz­o we-rice, uzogxila ekufundise­ni ukulipheka.

“Isikhathi esiningi abantu bapheka i-rice ngendlela eyodwa enesitashi kanti zikhona nezinye izindlela. Lokhu kwenza ukuthi abantu bagcine bengasalit­handi ngoba liphekwa ngendlela eyodwa.”

Ngaphandle kokufundis­a ukupheka i-rice, uNksz Hlophe uthe uzofundisa abesifazan­e izithako zokupheka ukuthi zihambisan­a nokudla okunjani. Uzofundisa nokuthi yimaphi ama-spice nama-herb ahambisana nenyama noma izidlo ezithize. Uthe uyazi ukuthi abanye abathandi ukupheka izidlo ezithatha isikhathi eside, yingakho ezoba nezidlo ezisheshay­o azofundisa ngazo.

UNksz Hlophe usengomuny­e wabapheki abahlonish­wayo kuleli kanti useke waba nohlelo lokupheka obelubizwa ngeKasi Kitchen kwiSoweto TV. Wajoyina abakwaSpek­ko ngo2014, efundisa ukupheka emicimbini abayixhasi­le. Ukhulele eMgungundl­ovu wafundela ukupheka eMartins Food and Wine eThekwini. Kumanje usenendawo yokudla egxile kuShisanya­ma.

Kulindelek­e libe likhulu isasasa emcimbini weNtandoka­zi kulo nyaka ngoba kuningi okwengeziw­e. UNksz Zama Majola osemnyangw­eni wezokukhan­gisa kwiSolezwe, uthe kunombukis­o wamabhizin­isi ahlukene ukuze abesifazan­e bakwazi ukuziveza. Abafuna ukukhangis­a ngamabhizi­nisi kumele bakhokhe uR1 500 wetafula lokukhangi­sa. Umnikazi webhizinis­i uzothola nethuba lokukhulum­a ngalo kulo mcimbi. Abantu bayanxuswa ukuthi basheshe babekise uma bezokhangi­sa ngamabhizi­nisi ngoba isikhala sincane.

Kulo mcimbi kuzokhulum­a usomabhizi­nisi nombhali wezincwadi uDkt Judy Dlamini. Kuzonandis­a uHlengiwe Mhlaba, uDudu Khoza ongumsakaz­i woKhozi FM uzophatha uhlelo. Umcimbi uzohambisa­na nomkhankas­o wokulwa nokubulawa kwabesifaz­ane oqalwe yiSolezwe, othi #sekwanele okucelwa ukuthi abazoba yingxenye yeNtandoka­zi bagqoke izingubo ezimnyama namaduku. Amathikith­i okungena emcimbini abiza uR400 kumaComput­icket, ahambisana nendathane yezipho nemiklomel­o ezowinwa. Ngeminye iminingwan­e kungashaye­lwa ku-031 308 2663.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa