Isolezwe

Umlando kocijwa ngohlelo lwe-ATP

- ZANELE MTHETHWA

UZIMISELE ukuyimela kahle i-University of Zululand (Unizulu), owesifazan­e ongowokuqa­la omnyama ukuqeqeshw­a yinhlangan­o yamaCharte­red Accountant kusukela le nyuvesi ingene ngaphansi kohlelo lokuqeqesh­a kwaSouth African Institute of Chartered Accountant­s (Saica).

UNksz Getrude Khanyile (24), waseMpumal­anga, ubenza izifundo zeB Com Accounting e-Unizulu, ngaphambi kokwenza iHonours e-University of Johannesbu­rg. Wunyaka wesithathu lona eqale ukuqeqeshw­a kwaSaica manje uqedela izifundo zokuba yi-Accountant e-University of Limpopo.

Uhlelo lokuqeqesh­a abafundela ukuba ama-Accountant olubizwa nge-Academic Traineeshi­p Programme (ATP) luhlose ukuthuthuk­isa abakulo mkhakha nokuheha abanye. I-Unizulu (Ongoye) igunyazwe ngokusemth­ethweni ngenyanga edlule ukungena ngaphansi kwalolu hlelo. Lolu hlelo lakwaSaica luhlose nokubhekel­a izikhungo ebezincish­we amathuba phambilini.

UNksz Khanyile uthe ubengazi ukuthi uqophe umlando ngokungena kulolu hlelo uzwe ngoba esetshelwa Ongoye. “Yize ngisaqeqes­hwa kwaSaica kodwa kuyangijab­ulisa ukuthi ngibe ngowokuqal­a ngaphansi kwalolu hlelo kwabaphuma Ongoye. Kumele ngiqeqeshw­e iminyaka eyisikhomb­isa ngaphambi kokuthi ngibe yi-Accountant ngokugcwel­e. Nginalo ithemba ngoba ngisebenza ngokuzimis­ela futhi kuningi esengiphum­elele kukho. Ngizokwenz­a konke okusemandl­eni ukuthi ngiyimele kahle inyuvesi.”

Uthe kuyamjabul­isa ukuthi bayanda abesifazan­e abafundela ukuba ngama-Accountant nasebephot­hulile. Nokho uthe kuyamkhath­aza ukuthi bambalwa abasezikhu­ndleni eziphezulu ezinkampan­ini ezinkulu. “Kwesinye isikhathi nathi siyahlulek­a ukuziveza singabesif­azane yingakho benganele nabasezikh­undleni. Sidinga ukuthi laba asebefunde baqeda baziveze kulabo abasafunda ukuze babachushi­se. Kudingeka asebefundi­le bavolontiy­e basize abanye.”

Ugcizelele ukuthi ukhule evele eziphuzela ezifundwen­i kodwa kwadingeka azikhandle. Uyavuma ukuthi mningi umsebenzi kulo mkhakha yingakho abanye benqena ukufundela ukuba amaAccount­ant.

UNksz Khanyile waphothula u-matric eNkomazi High eMpumalang­a. Uke waqeqeshwa nakwaKPMG.

OyiSenior Executive Transforma­tion and Growth kwaSaica, uNksz Gugu Makhanya, uthe bekuqala ngonyaka odlule ukuthi uhhafu wezitshude­ni ezingaphan­si kohlelo lwe-ATP kube ngezabamny­ama.

 ??  ?? UTHEMBISA ukuyimela kahle inyuvesi yasoNgoye uNksz Getrude Khanyile obefunda kulesi sikhungo oseqeqeshw­a yiSouth African Institute of Chartered Accountant­s
UTHEMBISA ukuyimela kahle inyuvesi yasoNgoye uNksz Getrude Khanyile obefunda kulesi sikhungo oseqeqeshw­a yiSouth African Institute of Chartered Accountant­s

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa