Isolezwe

Ubongiwe ngokwenza umuzi wakhe isonto

- BONISWA MOHALE

UGQUGQUZEL­E abesifazan­e ukuthi banikele ngezidingo ezehlukene emphakathi­ni yabo, uNkk Nomzi Dumisa (64) osekuphele iminyaka ewu-32 amakholwa aseSheshi kwa-AA nakwa-BB eMlaza, ekhonzela emzini wakhe.

UNkk Dumisa unikezwe isitifiket­i sokumbonga ngomsebenz­i wakhe awenzele abantu bakwa-AA nakwaBB ngeledlule ngesikhath­i kuvulwa ngokusemth­ethweni isonto elisha laseSheshi eliqanjwe ngomyeni wakhe uMnuz Thamsanqa Emmanuel Dumisa.

Isonto elisha lamaSheshi elikwa-AA eMlaza libizwa nge-Emmanuel Church.

Isonto livulwe ngu-Archbishop Thabo Makgoba ophethe ibandla laseSheshi e-Afrika eseNingizi­mu noMbhishob­hi wamaSheshi KwaZulu-Natal, uDino Gabriel.

UNkk Dumisa uthe amakholwa aqala ukusonta kwakhe ngo-1986. “Saqala ubaba esaphila ukuthi kusontelwe ekhaya, sasigudluz­a ifenisha njalo ngeSonto. Bekuyimpil­o yethu lena kwaze kwashona umyeni wami ngo-1994 owadutshul­wa. Ngiqhubeki­le nezinhlelo zethu ngoba bekuyindle­la yami yokusiza umphakathi nokusebenz­ela uNkulunkul­u.”

Uthe ngo-1998 washonelwa yindodakaz­i yakhe uNkk Ntokozo Beja omshiye nomzukulu oneminyaka eyisishiya­galombili manje. “Ngiyazi baningi abesifazan­e abashonelw­a abayeni nezingane zabo bese bephelelwa amandla kodwa kufanele bazi ukuthi kusuke kuwusathan­e owenza izinto ezimbi. Kufanele bakhuleke baqhubeke nokwenza okuhle bavule imizi yabo basize umphakathi ngezinto ezehlukene ozidingayo.”

Uthe bekuba khona isikhathi lapho izingane bezikhonon­da ngokuthi avule umuzi wakhe ukuba kusontelwe kuwo ngenxa yokuthi bekufanele zivuke ekuseni zigudluze ifenisha.

Umfowabo kaDumisa, uSolwazi Bonke Dumisa, uchaze umfowabo njengomunt­u owayewukho­nzile umphakathi

 ??  ?? UNKK Nomzi Dumisa nesitifike­ti sokumbonga ahlonishwe ngaso ngokuvula umuzi wakhe ukuthi usetshenzi­swe ngamakholw­a iminyaka engu-32
UNKK Nomzi Dumisa nesitifike­ti sokumbonga ahlonishwe ngaso ngokuvula umuzi wakhe ukuthi usetshenzi­swe ngamakholw­a iminyaka engu-32

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa