Kuthungathwa intsha ezokuba amaphoyisa aqotho
KUMENYWA abantu abasha abanentshisekelo yokuba ngamaphoyisa kuleli ukuba bangazitheli ngabandayo njengoba umbutho wamaphoyisa unamathuba omsebenzi.
Usuqalile umkhankaso wokuthungatha amaphoyisa aqotho kuleli njengoba selivulekile ithuba lokuba abafisa ukuba amaphoyisa bafake izicelo zomsebenzi. Kudingeka abantu besilisa nabesifazane abaqhamuka ezinhlangeni ezehlukene abaneminyaka ephakathi kuka-18 no-30.
Amaphoyisa athumele isitatimende sokuthi isikhangiso ngomsebenzi siyatholakala ku-www.saps.gov.za noma kumaphephandaba ahlukene.
Abantu abadingekayo kulo msebenzi ngabakwazi ukuziphatha ngendlela, abathanda umsebenzi wokuba ngamaphoyisa, abangenawo amacala abake bawenza phambilini nababhekene nawo, abano-matric.
Ukuqeqeshwa kwabazophumelela kuzoqala ngoJanuwari 2019 kanti kuzothatha izinyanga ezingu-21. Ngaleso sikhathi bazobe bethola imali yokugibela enguR4 500 ngenyanga.
ULieutenant General Bonang Mgwenya oyiphini likaKhomishana wamaphoyisa kuleli, obhekelele ukuqashwa kwabantu uthe yithuba eliyingqayizivele leli kubantu abasha.
“Siqale umkhankaso wokuba sithole abantu abasha abazoqinisekisa ukuthi abantu bakuleli baphephile. Sibafisela inhlanhla abazofaka izicelo zabo, sithembe sohlangana nabo maduze sebeziqeqesha,” kusho uGeneral Mgwenya.
UKhomishanawamaphoyisa kuleli uGeneral Khehla Sitole ugqugquzele abantu abasha ukuthi bafake izicelo zabo ukuze bezoba yingxenye yomndeni wamaphoyisa kuleli.
Olunye ulwazi lungatholakala eziteshini zamaphoyisa kuleli.