Isolezwe

Asetholaka­la ezitolo amaqakelo awashwayo

- BONISWA MOHALE

UKUTHOLA ukuthi angu-7 million amantombaz­ane alova esikoleni uma esesikhath­ini eNingizimu Afrika kwenze uNkk Sue Barnes wasungula inkampani yamaqakelo awashwayo abizwa ngamaSubz Washable Pads.

Isolezwe labhala ngoNkk Barnes ngo-2013 ngesikhath­i esanda kunikela ngamaqakel­o ezikoleni ukuze avimbe ukulova kwamantomb­azane.

Ngaleso sikhathi amaqakelo awashwayo ayengathol­akali ezitolo kodwa ayegcina ngokuthola­kala kuNkk Barnes nakwezinye izinhlanga­no ezinikela ngawo. UNksz Nokwazi Thabethe okhulumela abakwaSubz Washable Pads uthe amaqakelo abo aseyathola­kala kwaClicks eNingizimu Afrika ngoba abantu bazwakalis­a ukuthi bayawading­a. “UNkk Barnes waqala leli bhizinisi ngoba efuna ukusiza amantombaz­ane angenayo imali yokuthenga amaqakelo nyangazonk­e. Kubaluleki­le ukuwatheng­a ngoba ahlala iminyaka emithathu futhi ehlisa nezinga lokulova ezikoleni,” kusho uNksz Thabethe.

Uthe ucwaningo luveza ukuthi umuntu wesifazane udinga amaqakelo angu-12 000 kuya kwangu-16 000 empilweni yakhe kodwa uma esebenzisa awashwayo lesi sibalo singehla kakhulu.

“Amaqakelo akwaSubz abiza uR29.95 ezitolo zakwaClick­s kanti kusuke kuneqakelo elilodwa. Umuntu udinga amaqakelo ayisithuph­a abiza uR180. Ahlala iminyaka emihlanu okusho ukuthi umuntu wonga uR1 980 ngoba amaqakelo angawashwa abiza oR40,” kusho uNksz Thabethe.

Uthe abesifazan­e abasebenzi­sa amaqakelo awashwayo bazophepha nasemdlavu­zeni wesibeleth­o ngoba awanayo i-gel enamakhemi­khali okusolakal­a ukuthi adala umdlavuza wesibeleth­o ngokuhamba kwesikhath­i.

Uveze ukuthi akunyanyis­i ukuwasha amaqakelo ngoba uwawasha njengoba usuke uwasha impahla bese uyawaneka ome.

Ebuzwa ukuthi abesifazan­e abopha kakhulu ngabe abalungele yini la maqakelo uthe alungele wonke umuntu futhi aphasiswe yiSouth African Bureau of Standards (SABS) okusho ukuthi asezingeni elifanele.

Amanye amaqakelo akwaSubz ahambisana namaphenti akhona kanti amanye ahamba ngawodwana.

Eminye imininingw­ane ngala maqakelo itholakala ku-www. subzpadz.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa