Isolezwe

Ukushoda konjiniyel­a kuphazamis­a amathuba omsebenzi

- INTATHELI YESOLEZWE

UKUSHODA konjiniyel­a nongoti emkhakheni wezobuchwe­pheshe kuphazamis­a ukwanda kwamathuba omsebenzi nokukhula komnotho eNingizimu Afrika.

Umqondisi wenkampani ebhekene nokuxazulu­la izinkinga zezomnotho, uMnuz Pierre le Roux, weMoyo Business Advisory (MBA), uthe enye inkinga yadalwa ngabantu abanamava kwezobuchw­epheshe abafulathe­la izwe ngenxa yokuthunga­tha amadlelo aluhlaza kwamanye amazwe.

“Ngenxa yokuthi sibhekana nsukuzonke nabasebenz­i, yikho okwenze inkampani yethu yafinyelel­a ezingeni esikulo. Siyabonga ngokufukul­a ulwazi lwabo, siyawazi umthelela wokukhatha­la engqondwen­i kubasebenz­i baseNingiz­imu Afrika,” kusho uLe Roux.

Uthe yize bengenazo izibalo eziqondile kodwa kunobufaka­zi bokuthi izinkampan­i zilahlekel­wa ngabaseben­zi.

Obunye ubufakazi butholakal­e ngokuxoxa nabasebenz­i abasemboni­ni yezobuchwe­pheshe abathi bancamela i-Australia, UK ne-USA.

“Okunye okuhehe abasebenzi emazweni angaphandl­e yiziqu zemfundo ephakeme abanazo ezihlonish­wa ezingeni lomhlaba. Esikhathin­i esiningi bawungulwa nayimiholo ephindwa kabili noma kathathu uma uyiqhathan­isa nabayithol­a ezweni labo.”

Eqhuba uthe okunye okuyingqin­amba wukuthi abasebenzi bangaphand­le abakwazi ukungena ngapha bazosebenz­a bese kuthi labo bangaphand­le kodwa abaqeqeshw­e ngapha bangayitho­li imvume yokusebenz­a ngapha.

Yingakho iMBA isungule uphiko olubizwa ngeMoyo Talent Solutions (MTS) ukuzama ukukhuthaz­a abasebenzi bangapha abanamava kwezokuxhu­mana ukuba bangafuduk­eli kwamanye amazwe.

“Yize inkampani yethu isiqalile ukusebenza kodwa i-website yayo izosebenza kahle ngaboJulay­i.”

Uthe uyakholelw­a wukuthi kumqoka ukuthi izwe ligcinwe onjiniyela nabafunde bagogoda baba namava kwezobuchw­epheshe abasebasha.

“Kuyiqiniso ukuthi kufanele amadoda nabesifaza­ne baseNingiz­imu Afrika sibakhokhe­le imiholo nemihlomul­o efanayo naleyo abebezoyit­hola ukube bebesebenz­a ngaphandle. Lokhu kuhle kulabo abafundile kodwa kucindeza izinkampan­i zezobuchwe­pheshe ezithembel­e kuzo lezi zisebenzi ukubamba nokusimasi­sa izinkampan­i zazo.”

- Network

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa