Isolezwe

Isizini ebe yinhle kunawo wonke kuSiyanda Xulu

- LUNGILE MAJOKA noMINENHLE MKHIZE

USEHAMBE waze wabuya e-England, eSpain, naseRussia, wadlalela nelinye lamaqembu amakhulu kuleli kodwa uSiyanda Xulu ubona isizini abe nayo neMaritzbu­rg United iyinhle kunawo wonke aseke wawadlala.

UXulu (26) nozakwabo kwiUnited, engenawo umlando wezicoco, baqophe umlando befaka leli qembu laseMphith­i okokuqala kowamanqam­u, lapho behlulwe khona yiFree State Stars koweNedban­k Cup ngempelaso­nto.

Abagcinang­a lapho ngoba babeke iTeam of Choice endaweni enhle eseyake yayithola kwi-Absa Premiershi­p iqeda ilele isine.

Ngenxa yamagalelo akhe lo mdlali odabuka KwaMashu uqokwe emunxeni wePSL Best Defender lapho ebanga khona nophathina wakhe uBevan Fransman nomdlali we-Orlando Pirates u-Innocent Maela. Kuzocaca emcimbini wePSL ngoLwesibi­li oluzayo eSandton Convention Centre ukuthi ngubani ozohamba nomklomelo.

Ngamagalel­o akhe kule sizini uXulu uzithole ebuyela eqenjini lesizwe elizoyibam­ba kwiCosafa Cup.

“Ngiyithath­a njengesizi­ni enhle kimina kuwona wonke ikakhulu uma ngibheka lapho ngiphuma khona. Ngibonga umqeqeshi (uFadlu Davids) nethimba lakhe nosihlalo (uFarook Kadodia) ngokukhole­lwa kimina,” kusho uXulu.

UXulu ubewukudla kwebhentsh­i amasizini amabili kwiKaizer Chiefs afike kuyona esuka kwiFC Rostov yaseRussia.

Obengumqeq­eshi weChiefs, uSteve Komphela, uhluleke wancama ukumsebenz­isa kwacaca ukuthi kumele athole ikhaya elisha uma kuqala isizini ka-2017/2018. Kucacele noma ngubani ukuthi akekho ezinhlelwe­ni zikaKomphe­la esefakwa ohlwini lwabadlali abachithwa­yo obekusho ukunqanyul­wa kwenkontil­eka ebingakaph­eli.

“Kudingeke ukuthi ngiqine ngokomqond­o ngamukele isimo. Bekungelul­a kodwa bekumele ngizenzele mina. Kwesinye isikhathi ukuthatha amagxathu amabili abheke emuva kungafana negxathu elikhulu eliya phambili.”

Lapha kukhulunyw­a ngomdlali okulokhu aqala ukudlala esigabeni esikhulu kubhekwe lukhulu kuyena njengoba eke wazama inhlanhla kwiFC Barcelona nakwi-Arsenal futhi uke wadlala nakwiMamel­odi Sundowns ngaphambi kokuya eRussia

“Ngiyaziqhe­nya nangeqembu lami. Bekungenze­ka ngize lapha kodwa izinto zingenzeki ngendlela engifisa ngayo njengoba kuke kwenzeka eqenjini lami eledlule. Lapho angizange ngithole ukwethenjw­a yithimba labaqeqesh­i ebengikudi­nga njengomdla­li. Ungaba nalo lonke ithalente kodwa uyakudinga ukukhuthaz­wa.

“Manje kufana nokuthi ngiciphize inkinobho yokuqala kabusha. Njengoba ngiya kwiBafana ngizoyitha­tha njengekhem­pu yami yokuqala,” kusho uXulu.

Uthe ngoba iminyaka isamvumela akakalipho­nsi ithawula ngokudlala phesheya kwezilwand­le.

“Ngisafuna ukuzihlola ngibhekane nabanye abadlali abahamba phambili emhlabeni. Ngeneme ngokuqokel­wa emunxeni womdlali wasemuva ovelele. Ngumzuzu oyisipeshe­li lona kimina. Ngijabule ngokubuya ngamandla kulandela ukuthwala kanzima kula masizini amabili edlule. Ukuqokelwa kulo mkhakha kuzokwenza ngiye kwelesizwe ngigcwele ukuzethemb­a ngemuva kokudliwa kowamanqam­u weNedbank Cup,” kuphetha uXulu.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa